Lubhalwe nguLungani Zungu
Kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu esigamekweni sokudubula esenzeke e-Mariannhill eThekwini ngoMsombuluko.
Izisulu ezineminyaka ephakathi kuka-30 no-50 zibulawe ezigamekweni ezimbili ezahlukene okusolwa ukuthi zibulawe izinkabi ebezihamba zidubula abantu ngoMsombuluko kusihlwa.
Lesi sigameko sokudubula senzeke ngemuva kwamasonto amabili kudutshulwe kwabulawa abantu abane ehostela elidume kabi KwaMashu.
Kuthiwa izinkabi ziye endaweni yokukhanda izimoto zafike zavulela ngenhlamvu kwashona umnikazi wendawo nomsebenzi oyedwa.
Umuntu wesithathu ulwela impilo yakhe esibhedlela.
Zifuna elinye igazi izinkabi zidlulele endaweni yesibili yokusebenzela zadubula zabulala abantu abathathu – kuhlanganisa nomnikazi wendawo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uziqinisekise zombili lezi zigameko wengeza ngokuthi imbangela yokuhlasela ibingakaziwa okwamanje.
“Akubikwanga lutho oluntshontshiwe ngesikhathi kudutshulwa,” esho.
UNetshiunda uthe abathathu kwabashonile baphakathi kweminyaka engu-50, kanti abanye ababili baphakathi kweminyaka engu-30.