Isibhicongo kubhubha abangu-2300 kuzamazama umhlaba

Ukuzamazama komhlaba okukhulu okube ngu-7.8 magnitude okuhlasele i-Turkey ne-Syria sekudlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-2,300.

Amalungu omndeni, abezimo eziphuthumayo, amasosha namavolontiya aphesheya bebesebenza ngokuzikhandla usuku lonke behlenga abantu abavalelekile.

Isibalo sokushona kwabantu besilokhu sikhula osukwini futhi sibukeka sizokhuphuka nakakhulu kulokho okungenye yezinhlekelele zemvelo ezibulala kakhulu eminyakeni yamuva.

Ukuzamazama komhlaba kokuqala kwenzeke phakathi kwamabili cishe ngehora lesine ekuseni kanti kubikwa ukuthi abantu base-Lebanon, i-Greece, i-Israel, i-Cyprus nase-Iraq ibona abazwile umhlaba ngesikhathi uzamazama. 

Ukuzamazama kugxile emngceleni wase-south-eastern e-Turkey ne-Syria, kucekele amadolobha amakhulu ase-Turkey i-Gaziantep ne-Adana.

Emahoreni ambalwa nje ngemuva kokuzamazama komhlaba kokuqala, kuphinde kwaba nokunye obekunamandla ngendlela efanayo, kwacekela phansi ezinye izakhiwo eziningi.

Zingaphezu kuka-2,800 izakhiwo okumenyezelwe ukuthi zibhidlikile, kanti abantu abaningi basavaleleke ngaphansi kwemfucumfucu.

Ezinye izizwe nezinhlangano zamazwe omhlaba seziqinisekise ukuthi zithumele amavolontiya nosizo oluphuthumayo e-Turkey nase-Syria njengoba sekuqaliwe kuzanywa ukusindisa labo abavalelekile. 

I-Newcastle United isimemezele ukuthi izilindele ngabomvu izindaba zokuthi ukuphi umdlali wayo obolekiwe wase-Ghana, uChristian Atsu.

I-Gazintap Castle okuyindawo enomlando esineminyaka engu-2,200 ubudala ayibhidlikanga, kodwa ithe ukuthikamezeka kancane. Ezinye izakhiwo ezinomlando eziningi ezibalulekile nazo kwesatshwa ukuthi zithintekile.

Kusukela ngoMsombuluko bangu-1,498 abantu asebeshonile ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zase-Turkey, kanti bangu-810 okubikwa ukuthi bashonile e-Syria.

Ukuzamazama komhlaba ngalendlela akukaze kwenzeke e-Turkey iminyaka eyishumi edlule, kodwa kulabo abase-north-west yase-Syria, izakhiwo ezibhidlikile nokushona kwabantu okusabalele kuyinto evamile. Sekuyiminyaka engu-12 leli zwe livalelwe impi yombango.

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Esithombeni esingenhla: Izakhiwo ezingaphezu kuka-2,800 ezicekeleke phansi ngenxa yokuzamazama komhlaba okuhlasele i-Turkey ne-Syria ngoMsombuluko.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva