Kamogelo Olaitan
Amaphoyisa adubule abulala abantu abangu-19 e-Madagascar ngoMsombuluko ngesikhathi kunombhikisho wokuthunjwa kwengane ephila nebala elimhlophe.
Amaphoyisa avulele ngenhlamvu ebhekise kubabhikishi kwalimala abanye abantu abangu-21 kulesi siphithiphithi.
Ababhikishi bangene emgwaqeni ngemuva kokuthunjwa kwengane ephila nebala elimhlophe ngesonto eledlule okuyisibalo sakamuva sokwanda kwamacala odlame abhekiswe kulolu hlobo lwabantu.
I-United Nations ibika ukuthi sekube nabantu abayishumi nambili abaphila nebala elimhlophe abathunjiwe babulawa kulesi siqhingi eminyakeni emibili edlule.
Kunenkolelo engamanga yokuthi izitho zomzimba zalabantu ziletha ingcebo nenhlanhla.
Isikhulu samaphoyisa kuzwelonke u-Andry Rakotondrazaka sithe esithangamini sabezindaba okwenzekile kuyisigameko esidabukisa kakhulu, sengeza ngokuthi bekungagwemeka.
URakotondrazaka uthe amaphoyisa enze konke ukugwema ukuhilizisana, okuhlanganisa nokuxoxisana nesixuku. Kodwa abantu bebengezwa lutho kukhona abantu abebephethe imimmese nezinduku abanye bejikijela ngamatshe amaphoyisa.
Isigameko esibikiwe sokuthunjwa kwengane ephila nebala elimhlophe senzeke ngesonto eledlule edolobheni lase-Ikongo eliqhele ngamakhilomitha angu-350 ukusuka enkabeni yedolobha e-Antananarivo.
Ngokusho kwelungu lePhalamende kulesi sifunda uJean-Brunelle Razafintsiandraofa uthe abasolwa abane baboshwe ngamaphoyisa mayelana nokuthumba, kodwa izakhamuzi ngoMsombuluko zifune ukuba abasolwa banikezwe zona.
Iphoyisa ebelisendaweni yesigameko litshele i-AFP ukuthi bangaphezu kuka-500 ababhikishi abebehlome ngezinsimbi nocelemba abebezama ukungena ngenkani esiteshini.
“Kube nezingxoxo, kodwa izakhamuzi zaphikelela. Amaphoyisa aqale asebenzisa isisi esikhalisa unyembezi kodwa abebhikishi baqhubeka nokudlova. Besingenayo enye indlela ngaphandle kokuzivikela,” kusho leli phoyisa.
Ngokusho kwe-Al Jazeera ukuziphindiselela kuvamile e-Madagascar.
NgoNhlolanja ngonyaka ka-2017 iqulu labantu abangu-800 langena ejele lase-Ikongo ngenhloso yokubulala umsolwa owayevalelwe khona. Bahlula onogada basejele bavulela iziboshwa ezingu-120 ukuba ziphume ejele.