Isibhedlela sidonsa kanzima ukukhokhela abasebenzi

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Abanye abasebenzi abaqashwe ngama-labour brokers kwesinye sezibhedlela ezizimele ezinkulu enyakatho yeKwaZulu-Natal bathi abakaze bahole kusukela ngoLwezi.

Laba basebenzi basesibhedlela esizimele e-Abaqulusi e-Vryheid batshele i-Scrolla.Africa ukuthi izinkinga zabo zamaholo ziqale ngoLwezi kanti umqondisi wesibhedlela uMnuz Thami Mlotshwa akabaniki izimpendulo ezicacile mayelana nokuthi bazohola nini.

Kuke kwenzeka ukuthi laba basebenzi abacindezelekile asebecwile ezikweletini bahlangane noMlotshwa phambi kwamaphoyisa befuna ukuholelwa.

NgoLwesihlanu ngesonto eledlule, abasebenzi abangaholile babe nombhikisho befuna ukukhokhelwa kanti uMlotshwa uye wabathembisa ukuthi kuzobonakala ngempelasonto – kodwa kwangenzeka lutho.

Ngokusho komunye wabasebenzi uMlotshwa wenze incwadi ebhalwe ukuthi uzobaholela. Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi wehluleka ukuhlonipha isithembiso esasayinwa phambi kwamaphoyisa akwa-SAPS e-Vryheid.

Bekulokhu kungumdonsiswano phakathi kwabasebenzi noMlotshwa. Kwezinye izingxoxo zaku-WhatsApp phakathi kukaMlotshwa nabasebenzi, uthe uphume ngesamagundane emhlanganweni webhodi ngesikhathi ephakamisa ukuthi abasebenzi baholelwe.

“Lokhu okwenzekayo kubi esibhedlela esikhulu njengalesi; sisebenzile kodwa asiyitholi imiholo ethu,” kusho omunye umsebenzi mayelana nesimo esiqhubekayo.

“Imindeni yethu kumele yondliwe. Abanye bethu lapha badle uKhisimusi bengenamali kodwa siyasebenza.”

NgoMsombuluko i-Scrolla.Africa sixhumane noMlotshwa. Uthe bonke abasebenzi basesibhedlela bakhokhelwa ngokugcwele kodwa inselelo ikubasebenzi ababaqasha ngama-labour brokers.

“Sicela nazi ukuthi akekho kubasebenzi bethu abasebenza ngokugcwele okweletwayo noma ohola kancane. Ngabasebenzi esibathola ngohlaka abakweletwayo,” kusho uMlotshwa.

Uthe izinselelo zezimali eziholele ekutheni abasebenzi bangakhokhelwa ama-labour brokers akuzona ezesibhedlela.

“Ibhodi le-Healthcare Funders lisidalele inkinga eholele ekutheni isibhedlela singayitholi imali ye-medical aid ezinyangeni ezintathu ezedlule. Lokhu kuholele ekutheni singakwazi ukufeza izibopho zethu.

“Inkinga isixazululiwe silindele ukuthi siqale ukukhokhela abasebenzi kusukela kuleli sonto kuya phambili kanti abasebenzi besikhungo bazokhokhelwa maduze,” kusho uMlotshwa.

Abanye abasebenzi baqinisekise i-Scrolla.Africa ngoLwesibili ukuthi bakhokhelwe uhhafu wemiholo yabo kanti odokotela bahole ngokugcwele.

Esithombeni esingenhla: Abaqulusi Private Hospital.

Umthombo wesithombe: Abaqulusi Private Hospital page page

Izihloko zakamuva