Isibhedlela sacekela phansi impilo yengane yami

Joseph Chirume

U-Emma Karimupfumbi wayenethemba lokuthi uzobeletha ingane enempilo futhi enomdlandla, kodwa akubanga njalo.

U-Emma ukholwa wukuthi ingane yazalwa ikhubazekile ebuchosheni ngoba abahlengikazi base-Motherwell NU2 abayidlulisanga esibhedlela i-Dora Nginza ngesikhathi.

Lo wesifazane oneminyaka engama-23 wase-Gqeberha, eMpumalanga yeKapa ubelethe ingane ngowe-2018. Njengamanje usola uMnyango wezeMpilo ngokukhubazeka kwengane yakhe.

U-Emma uthe wanxusa abanakekeli emtholampilo ngesikhathi esedlule emasontweni angama-38 ezithwele.

“Kwakunzima ukuhamba. Bangidlulisele esibhedlela sekwephuze kakhulu,” kusho yena.

Uthe odokotela basesibhedlela i-Dora Nginza bamsusela wabe esebeletha ngosuku lwesithathu ingane yentombazane, igama layo linguTawa.

“Ngabona ukuthi ingane yami ibuthakathaka kakhulu, ikhathele futhi ayikhali,” esho.

“Babe sebemhlinza ekhanda.”

Uthe ubenenkinga eminyakeni emibili edlule yokondla uTawa ngoba udla kuphela ukudla okulula abangakwazi ukukuthenga benomyeni wakhe kanti futhi badinga isihlalo esinamasondo.

Lo mama ongasebenzi, futhi onephasiphothi esiphelelwe yisikhathi, akakufanele ukuthola imali yesibonelelo sokuxhasa izingane eNingizimu Afrika.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eMpumalanga yeKapa uSizwe Kupelo, uthe akakwazi ukukhuluma ngesimo sempilo yesiguli.

“Ngikhuthaza isiguli noma umqaphi ukuba afake isikhalazo ngokusemthethweni esibhedlela. Bangavakashela ihhovisi lesikhulu esiphezulu se-Dora Nginza ukuyoxoxa ngalesi sikhalazo,” kusho yena.

Okhulumela i-SASSA eMpumalanga yeKapa uLuzuko Qina uthe: “I-SASSA ikhokha imali yesibonelelo sengane kumnakekeli okufanele ukuthola lolu sizo. Umama wengane kufanele abe namaphepha amgunyaza ukuba seRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika. Sizomsiza uma esezitholile.”

Izihloko zakamuva