Isibhedlela i-Pietersburg sivaliwe ngenxa yezikhukhula

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Isibhedlela i-Pietersburg okungesinye sezikhungo zezempilo esiphithizelayo e-Limpopo sivaliwe ngenxa yemvula enamandla ehlasele ngoLwesithathu ebusuku e-Polokwane. Izingxenye zase-Limpopo zibe nemvula enamandla emini.

Izindawo eziningi zesibhedlela zigcwele amanzi nokuyinto eholele ekutheni amawodi abalimele kanye nesikhungo se-X-ray kuvalwe ngokushesha.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMnu Neil Shikwambana uthe iziguli ezidinga lezi zinsiza zithunyelwa kwezinye izibhedlela endaweni.

“Sicela abantu abacabanga ukuthi bangase badinge izinsiza ezifana nalezi baye ezikhungweni eziseduze,” kusho uShikwambana esitatimendeni.

“Imitholampilo yeziguli ezilaliswayo ezijwayelekile isebenza ngendlela ejwayelekile. Kodwa-ke, iziguli kungenzeka zithole ukubambezeleka okungajwayelekile phakathi nosuku.”

Khonamanjalo, abasebenzi basesibhedlela bakhipha amanzi futhi bahlanza izindawo ezithintekile.

UShikwambana uqhube wathi iziguli nomphakathi bazokwaziswa uma izinsiza sezibuyele esimweni esijwayelekile.

Abe-South African Weather Services balindele ukuthi kube nenye imvula nokuduma kwezulu ezindaweni  zase-Limpopo, nokuthi imvula enamandla ine engxenyeni eseningizimu yesifunda.

Esithombeni esingenhla: Ingxenye yesibhedlela egcwele amanzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva