Isibhedlela esiyisihogo ingxenye yokuqala: Isidumbu sesiguli esilahlekile sitholakale endaweni yokulahla udoti esibhedlela i-Tembisa

Everson Luhanga

ULawrence Matlamela wangeniswa esibhedlela emasontweni amabili edlule ngemuva kokuthi izigebengu zingene endlini yakhe e-Tembisa zamdubula kabili.

Ngemuva kwesonto, waduka embhedeni wakhe wasesibhedlela.

Isidumbu sakhe ebesingenampilo manje sesitholakele – ngemuva kwezinsuku ezine – egcekeni lesibhedlela i-Tembisa, eduze nendawo yokulahla udoti.

Umndeni kaMatlamela uthi wazisa abasebenzi basesibhedlela ngosuku aduka ngalo. Kodwa kwaze kwaba bafika nommeli okuyilapho khona abaphathi besibhedlela baqala ukuthatha izinyathelo.

Ngemuva kokudutshulwa, uMatlamela waphuthunyiswa esibhedlela wahlinzwa ngempumelelo. Umndeni wakhe wawunethemba lokuthi uzosinda kulolo sizi olusabekayo.

Udadewabo uKedibona Nare uthe uthole ngokulahleka kwakhe ngoLwesibili olwedlule ngesikhathi eshayela isibhedlela ebheka ukuthi ululama kanjani.

“Ukube asibashayelanga, izikhulu bezingeke zisitshele,” etshela i-Scrolla.Africa.

UKedibona uthe umndeni uvule icala lomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa e-Tembisa Rabasotho ngesikhathi bethola ukuthi isibhedlela asikwazi ukuphendula ukuthi ukuphi.

“Kusithathe isikhathi esingaphezu kwamahora ayisikhombisa ukuhlangana nomphathi wesibhedlela, uMnu Chauke, ngemuva kokuthi sikhulume naye ocingweni,” esho, ngemuva kokuya esibhedlela nodadewabo uJennette Matlamela ngoLwesithathu olwedlule.

UKedibona uthe incazelo yomphathi mayelana nokuthi uLawrence ulahleke kanjani yenza umndeni wathukuthela. Uthe kuze kwaba uLwesihlanu nokuyilapho isibhedlela esithathe izinyathelo zokuthola uLawrence

“Sisabise ngokubathathela izinyathelo zomthetho uma singazitholi izimpendulo. Izikhulu zesibhedlela ziye zathuka ngemuva kokubona ummeli,” esho

“Kube sekuqalwa ukuthungathwa kukaLawrence emagcekeni esibhedlela”.

Yilapho khona uLawrence atholakale eseshonile egqoke izingubo zakhe zasesibhedlela, ne-drip nepayipi lisalokhu lilenga emzimbeni wakhe.

“Bekuzothiwani uma kuwukuthi  bengingenalo ulwazi nezinsizakusebenza zokuletha ummeli? Bekuzokwenzekalani?” Kusho uJennette.

Uqhube wathi ukube uLawrence washona ngesikhathi ebanjwa inkunzi bekuzoba lula ukuthi umndeni ukwamukele ukushona kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tembisa uConstable Patricia Mgijima ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya ngecala lokubalala. .

Inhloko yezokuXhumana eMnyangweni wezeMpilo e-Gauteng uMotalatale Modiba uthe abaphathi besibhedlela basezinhlelweni zokuhlanganisa umbiko ngesehlakalo.

“Ulwazi olusha lozonikezwa uma sekuqedwe uphenyo,” kusho uModiba.

Izihloko zakamuva