Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Isibhamu ebesifakwe esikhwameni somfundi webanga leshumi esikoleni samabanga aphezulu i-Nick Mpshe e-Winterveldt siyithoyizi.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi isibhamu siyithoyizi.
Emasontweni amabili edlule lo mfundi ubeye endlini yokugezela yesikole kanti ngesikhathi ebuya abangani bakhe bamtshele ukuthi akabheke isikhwama sakhe njengoba abanye abafundi bebefake isibhamu kuso.
Ube esebikela othisha namaphoyisa ngesibhamu njengoba ebekhona esikoleni ngaleso sikhathi ezosesha izinto ezingafuneki esikoleni.
Ngenxa yalokhu, lo mfundi uye wamiswa esikoleni nabanye ababili abakhonjwe ngozakwabo ukuthi yibona abafake isibhamu esikhwameni sakhe.
Esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe esikoleni ngoLwesibili, isisulu siye savunyelwa ukuthi sibuyele ekilasini ngemuva kokuthi omunye wabafundi abamisiwe ezivumele yena icala lokufaka isibhamu sethoyizi esikhwameni sakhe.
Bobabili abafundi abafake isibhamu esiyithoyizi esikhwaneni salo mfundi basamisiwe.
Unina womfundi, ongeke adalulwe ngenhloso yokumvikela, ujabule ngokuthi indodana yakhe ivunyelwe ukuthi ibuyele esikoleni nokuthi manje izogxila ezifundweni zayo.
UMengameli we-Progressive Student Movement, uKabelo Nthekiso usamukele isinqumo sokuvumela umfundi ukuthi abuyele ekilasini.
“Siyambonga omunye umfundi ngokuphumela obala avume icala, ngesikhathi evikela umfundi ongenacala.
“Sizoqhubeka nokuqapha isimo ukuze siqinisekise ukuthi umfundi osolwe ngokungafanele akahlukunyezwa esikoleni,” esho.
Esithombeni esingenhla: Isikole samabanga aphezulu i-Nick Mpshe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe