Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Isesimeni esithembisayo ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala yase-Zimbabwe ngemuva kokubeletha ngokuhlinzwa ingane yentombazane ngoMsombuluko ekuseni.
Ngokusemthethweni ungumama wesibili omncane emhlabeni ngemuva kwentombazanyana eneminyaka emihlanu yase-Peru, uLina Marcela Medina de Jurado owabeletha ngo-1939.
Le ntombazanyana yase-Tsholotsho engaphansi kwesandla sodokotela esibhedlela i-United Bulawayo Hospital (UBH) kwaBulawayo kuthiwa isesimweni esigculisayo kanye nosana.
Ibamba le-CEO esibhedlela i-UBH uDkt Harrison Rambanapasi, ukuqinisekisile ukuthi ukuhlinzwa obekuholwa ochwepheshe abaluphethe ngobunono lolu daba kube impumelelo futhi bebeqaphe kakhulu njengoba amahora okubeletha iwona abaluleke kakhulu uma kubhekwa iminyaka yakhe.
Ingane kusolwa ukuthi yakhulelwa ngemuva kokudlwengulwa nguyise.
Wagcina evulele isifuba osonhlalakahle mayelana nomkhovu ayetshelwe ngawo nguyise ukuthi uzomvakashela ulale naye maqede akhanyise ugesi avale amawindi atshele ingane ukuthi umkhovu usuhambile.
Uyise eligodliwe igama lakhe, kusolakala ukuthi wenze lesi senzo kulandela iseluleko somuntu ozibiza ngomphrofethi ukuthi axoshe amabhadi akhe.
Uboshwe ngasekuqaleni kwenyanga ngemuva kokuba unina wengane ebikele amaphoyisa.
Ngokushesha unina wengane wacasha ngemuva kwezinsolo zokuthi umphrofethi usabise ngempilo yakhe ngesikhathi ezwa ngokuboshwa komlingani wakhe.
Unina wengane uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu, kodwa uyajabula ngokuthi ukuhlinzwa kube impumelelo futhi unethemba lokuthi ingane yakhe izolulama ngemuva kokuhlinzwa.
“Ngisangene ikhanda futhi ngiphatheke kabi, kodwa okungijabulisayo ukuthi ukuhlinzwa kube impumelelo ngiyethemba ukuthi ingane yami izolulama njengoba isezandleni ezinhle futhi ibilokhu ibuza ukuthi kuzophela nini ukugula kwayo njengoba ibingazi ukuthi ikhulelwe.”
Udokotela ongungoti kwezokubelethisa nezifo zabesifazane uDkt Ishmael Mhonde uthe kubalulekile ukuthi ingane ihlale igadiwe.
“Kuyajabulisa kakhulu ukuthi sikwazile ukumhlinza ngempumelelo, kodwa amahora azayo iwona abaluleke kakhulu futhi kufanele aqashwe ngeso lokhozi uma kubhekwa ubucayi bodaba lwakhe, kodwa kubukeka ezosheshe aphole ngenxa yeminyaka yakhe,” echaza.
Isithombe esingenhla siveza ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ekhulelwe
Umthombo wesithombe: Uthunyelwe