Ishubile ingxabano yosaziwayo

Izehlukaniso zosaziwayo base-Hollywood zihlale zinezinkinga – kodwa isimangalo sikaJohnny Depp sokuthi u-Amber Heard washiya indle embhedeni wakhe iyona nto okukhulunywa ngayo.

Ingxabano yezomthetho phakathi kwalezi zihlabani ezimbili ebiqhubeka enkantolo yase-Virginia, eMelika, ivele yaba inkinga ngesikhathi uDepp esola ukuthi uHeard wagcoba umbhede wabo ngendle ukuze aziphindiselele ngokuthi uDepp wahamba endlini yabo yokulala.

UDepp umangalele owayengunkosikazi wakhe ngokumehlisa isithunzi ngemali engu-$50 million yomonakalo.

Wabhala i-op-ed ephephandabeni i-Washington Post ngo-2018 lapho ayechaza khona ngodlame lwasekhaya asinde kulo – ngaphandle kokusho uDepp ngegama.

UHeard umangalele uDepp imali engu-$100 million futhi uthi wake walimaza uDepp kodwa ezivikela.

Ngemuva kokuhlukana noDepp, uHeard wathandana no-Elon Musk, ophenduke undabamlonyeni kuleli sonto ngesivumelwano sakhe esibonakala siphumelele sokuthenga i-Twitter. Kubikwe ukuthi uMusk ngeke ethule ubufakazi ecaleni.

Kodwa-ke, udaba olusabalale kakhulu isimangalo sikaDepp sokuthi umsizi wakhe wasendlini wamkhombisa isithombe sombhede wakhe ogcwele indle yomuntu – njengesixwayiso sokuthi angabuyi ekhaya.

“Impendulo yami yokuqala ngavele ngahleka. Kwakuyinto emangazayo, kwakuxaka futhi kukubi kangangokuthi ngangikwazi ukuhleka kuphela. Ngakho, angizange ngiye lapho ngalolo suku.”

Ezinkundleni zokuxhumana kuvele  kwagcwala izinto, ezikhombisa uHeard ezisiza kuyo yonke indawo okungeyona indlu yangasese.

UDepp uthe ngesikhathi bekhuluma ngakho, uHeard wathi indle yezinja.

“Izinja ziyi-teacup Yorkies. Zinesisindo esingamakhilogremu amane inja ngayinye kusho uDepp etshela inkantolo.

“Kwakucacile ukuthi akusiyo indle yezinja, kwakungasiyo nje.”

Izihloko zakamuva