Ishubile imidlalo yaseNingizimu Afrika

Lucky Sithole

Kuningi obekusengcupheni kumdlalo we-India ngeSonto ngesikhathi idlala nama-Proteas kowe-ICC Women’s World Cup.

I-India ibibhekene nokuphuma uma ihluliwe. Ama-Proteas bekungamele azikhandle kakhulu kulo mdlalo ngoba bebevele sebekwazile ukungena kowandulela owamanqamu obekufana nokudlala umdlalo nje ojwayelekile. 

Bebengadingi ukunqoba, kodwa bebedinga ukungena enkundleni, bashwibe i-bat amahlandla ambalwa bese bebuyela emuva baziphumulele bashaye neziphuzo.

Kodwa akekho otshele ama-Proteas lokho. Ukulambela ukuwina umdlalo sekwisinkwa sabo semihla ngemihla njengoba lento isisegazini kubona.

Ukubuka ama-Proteas ejabula njengoba uMignon du Preez eshaye ama-runs aholele ekutheni ama-proteas awine kube isifundo leso esihle kakhulu esenziwe ngesineke.

“Umdlalo wangeSonto siwuthatha njengomdlalo wokulungiselela esisazobhekana nawo kowandulela owamanqamu,” kusho ukaputeni uSune Luus ngemuva komdlalo.

“Umfutho esidlala ngawo sizoqhubeka siwusebenzise naphambili.”

Kungenzeka sinqobe noma sihlulwe, kodwa ama-Proteas angeke ahlulwe ngaphandle kokulwa uma esebhekene ne-England kowandulela owamanqamu. 

Bakulambele kakhulu ukunqoba lo mdlalo futhi bayabonakala indlela abadlala ngayo.

Kunombuzo obuzwa yibo bonke abalandeli bebhola lezinyawo laseNingizimu Afrika.

Ingabe uHugo Broos uzokwazi yini ukugqugquzela abadlali bebhola baseNingizimu Afrika, abafake lo mlilo wokudlala ngokuzimisela ukuze bakwazi ukunqoba uma sebebhekene nompetha bebhola?

Ngesikhathi uBroos ethi abadlali base-Guinea bade njengabadlali bebhola lomqakiswano, wayengenalo iphutha.

Ingxenye yabadlali base-Guinea  balinganiselwa kumamitha amabili ubude.

“Ibhola lesimanje aligcini nje ngokudlalwa kuphela, kodwa liphathelene nokuba namandla,” etshela i-SowetanLIVE.

“Lokhu asizange sikubone ngesikhathi sihlangene ne-Ghana ngoba ukube kwakunjalo lo kwakuzoba umdlalo ohlukile.”

Iqiniso leli elikhulunywa uMnu uBroos, kodwa beningakwazi yini lokhu ngaphambi komdlalo? Futhi yini eniyenzile ukuze nilungiselele lokho?

Ngenkathi uCheslin Kolbe ezama ukushaya igoli kwiNdebe Yomhlaba ngonyaka ka-2019 walwa ngendlela yakhe ehlukile phezu komugqa sengathi impilo yakhe yayincike kulokho, kodwa futhi kwamsebenzela. 

Uma kwakukhona umdlali owayengasebenzisa ubude bakhe kwakunguye, kodwa akazange. Kuleyo mizuzwana embalwa, ubeyindoda enamandla, ende kunabo bonke futhi eshesha kunabo bonke enkundleni.

Mnu uBroos, ingabe ujabulile ngokuqeda umdlalo ngamaphuzu alinganayo angathi shu? ngabe abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bazophinde baphoqeleke ukubuka umdlalo nomdlalo lapho abadlali bekhahlela khona ibhola besuka kolunye uhlangothi enkundleni baya kolunye bengakubekile ukunqoba ezingqondweni zabo?

Uma iqembu lakho selibhekene ne-France, ingabe lizongena enkundleni nesifiso sangempela sokuwina, noma bayobe benezaba abaziqukethe abazovika ngazo? Phela i-France isuke ingazile ukuzodlala. IBafana Bafana ayikwazi ukuhlula iqembu elihamba phambili emhlabeni, noma ingakwazi?

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA

Izihloko zakamuva