Ishovashova liphuthunyiswe esibhedlela

Dylan Bettencourt

UBiniam Girmay uqophe umlando ngokuba ngowokuqala omnyama wase-Afrika ukuwina emqhudelwaneni omkhulu e-Giro d’Italia.

Ngesikhathi umshayeli webhayisikili wase-Eritrea osemncane ebungaza ukuwina kwakhe evula ibhodlela le-prosecco champagne aliklonyeliswe abakade bekwi-podium ivele yaqhuma yashaya uGirmay ebusweni.

UGirmay oneminyaka engu-22 uphuthunyiswe esibhedlela ukuyohlolwa ngemuva kwalesi sigameko esiholele ekutheni angabe esawungenela lo mqhudelwano.

Njengoba umjaho esigabeni sokugcina ozakwabo bambuyisele phambili ngaphambi kokuthi akhiphe wonke umoya wokugcina ukuze awele umugqa kuqala.

UGirmay ungowesibili e-Afrika ophumelele emcimbini we-Giro d’Italia ngemuva komshayeli wamabhayisikili waseNingizimu Afrika u-Alan van Heerden ngonyaka ka-1979.

Umshayeli webhayisikili osafufusa wafuna i-Gent-Wevelgem yosuku olulodwa lwakudala ngoMbasa. 

“Ngiyabona ukuthi ngiqopha umlando,” kusho uGirmay.

“I-Giro ngiyiqale nginesifiso sokunqoba inkundla. Wonke umuntu eqenjini ungilekelele namuhla.”

Naphezu kokuphumelela kwakhe ngebhayisikili uGirmay wayehlala ephupha ngokuba ngumdlali webhola lezinyawo kodwa ebuka umfowabo omdala waba nesithakaselo sokuhamba ngebhayisikili.

Uyise owayengumbazi waqongelela imali ukuze athengele amadodana yakhe amabhayisikili.

UGirmay ushiye e-Afrika eyoqeqeshwa e-UCI World Cycling Centre e-Switzerland esiza abagibeli abavela emazweni angenayo ingqalasizinda.

Usenqobe kabili ngaphansi kwegama lakhe futhi uzimisele ngokuba ngusaziwayo kulo mdlalo.

Umthombo wesithombe: @CyclingTips

Izihloko zakamuva