Ishobolo eshayelwa ukudla esitolo sotshwala

Buziwe Nocuze

USiphamandla Vuku ungene esitolo esidayisa utshwala edla iwolintshi, okuyicala ashayelwe lona wacishe washona.

Kuthiwa owesilisa (34), wase-Philippi Browns Farm, eKapa, ushaywe ngonogada basesitolo bamlahla ehlathini ukuze ashonele khona lapho.

UVuku uthi uthenge iwolintshi  enxanxatheleni yezitolo yasendaweni esendleleni eya esitolo esidayisa utshwala ngoLwesihlanu.

“Ngiqale ukulidla ngesikhathi ngidlula unogada emnyango wesitolo sotshwala kodwa akazange asho lutho,” kusho uVuku.

“Ngesikhathi ngisabheka amanani otshwala kufike unogada wangibiza. Ungibuze ukuthi kungani ngidla iwolintshi ngaphakathi esitolo.”

UVuku uthe ubone unogada ethule ngesikhathi edlula emnyango wazitshela ukuthi awukho umthetho awephulayo. Uthe utshele unogada ukuthi ucabange ukuthi bamdedele wadlula ngoba bengawadayisi amawolintshi.

Umangale ngesikhathi unogada eseqala ukumshaya, ngokushesha wabiza abanye onogada abafike bamshaya nabo.

UVuku utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bamthathe bamyisa ngemuva kwesitolo lapho abafike bambuza khona ukuthi unaso yini isibhamu.

“Ngibatshele ukuthi anginaso nokuthi noma ngabe benginaso bekufanele ngabe basitholile ngoba bebengifake ozankosi ngesikhathi bengishaya,” esho.

Babe sebehamba naye ngemoto baze bayofika ehlathini eliseduze nomgwaqo u-Lansdowne, bafike bamshiya khona.

Usale evuvukele amadolo namaqakala.

Ukholwa ukuthi bamshiye lapho ukuze ashone.

Ufuna onogada bamchazele isizathu sangempela sokuthi kungani bemhlasele.

UKaputeni Frederick Van Wyk uthe amaphoyisa aseNyanga abhalise icala lokushaya elivamile ngemuva kokushaywa kowesilisa (34), esitolo e-Philippi. Uphenyo lusaqhubeka kanti akukaboshwa muntu.

Izihloko zakamuva