Ishobolo elomboxo lilahlekelwe izimpahla

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola lombhoxo lasekolishi lase-Wales liphoqeleke ukuthi lizilolonge ligqoke amasokisi ngemuva kokulahleka kwemithwalo yalo kuleli.

Abadlali abangu-30 be-Coleg Gwent bafike eKapa ngoMsombuluko kanti namanje abakayitholi imithwalo yabo. Ithimba lindize e-Lufthansa lisuka e-Heathrow ladlula e-Frankfurt kanti inkampani yezindiza ayikaphawuli ngalesi sigameko.

Abasebenzi beqembu kudingeke ukuthi bahambise abadlali ezitolo ukuyothenga izingubo zokugqoka ngesikhathi amanye amaqembu ebhola lombhoxo akuleli ebanikeza izinto abazozisebenzisa.

Kulindeleke ukuthi i-Coleg Gwent indizele eGoli ngoLwesihlanu ukuyodlala eminye imidlalo emibili kanye nokubukela amaBhokobhoko etholana phezulu ne-Wales ngoMgqibelo, ngaphambi kokubuyela e-Wales ngoMsombuluko.

UClaire Gilfillan, unina womunye wabadlali, uthe abadlali bebezilolonga beqimbile ngesikhathi abanye bezilolonga bengezigqokile izicathulo.

“Ikolishi lizamile ukusiza, labayisa ezitolo ukuyothenga izinto ezincane, kanti umphakathi wendawo ube usizo olukhulu,” etshela i-BBC.

Lo mama wengeze ngokuthi nakuba kwenzeke lesi sigameko abadlali bakwazile ukuya ezindaweni abakade behlele ukuzivakashela okuhlanganisa nokuvakashela eTable Mountain kodwa ithimba likuthole kuyinselelo lokho.

“Kuwuhambo lwempilo yami yonke, sesikhokhe u-£1,200 (uR23,700) kulolu hambo, kodwa banezimpahla abafike ngazo kuphela,” esho.

“Akekho ozofuna ukuhlala eduze kwabo emdlalweni we-Wales namaBhokobhoko!”

Umthombo wesithombe: @WelshRugbyUnion

Izihloko zakamuva