Ishiye kukhalwa imvula enamandla eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Imiphakathi yase-Western Cape esakhungathekile ngemuva kwemvula enamandla ngesonto eledlule iphinde yahlaselwa enye imvula enamandla eqhubekisele phambili izinkinga ebezidalwe izikhukhula.

NgoMsombuluko ekuseni, izakhamuzi zivuke izindlu zabo zigcwele amanzi kanti ziphithizele ngokushesha zizama ukuhlenga izimpahla zazo nokufuna usizo kwiziphathimandla ezikhungathekile.

UMiranda Madolo oyisakhamuzi saseMfuleni uphinde wazithola esenkingeni kanti ubesabhekene nenkinga edalwe imvula enamandla edlule.

“Sisenkingeni enkulu asikakalulami kwimvula enamandla edlule ehlasele izindawo zethu futhi besisazama ukukhuculula izindawo zethu njengoba umoya onamandla nemvula kuphinde kwaqala phansi.

Isimo esibi siphoqe uMadolo ukuthi athumele ividiyo eveza umonakalo omkhulu kumphathi wakhe efuna ukuchaza ngokungakwazi ukufika kwakhe emsebenzini.

Naye njengabanye abaningi akakwazanga ukuphuma ngenxa yezingubo zakhe ezicwile emanzini agcwele umuzi wakhe.

UMnu Thembile Mnyamana (40) oyisakhamuzi uphoqeleke ukuthi ashiye umjondolo wakhe ngenxa yemvula ebilokhu ihlasele.

Ubhekane nesimo esinzima kanti ngesikhathi ekhuluma uthe, “Angikwazi ngisho nokuchaza umthamo wamanzi osemjondolo wami. Angicabangi ukuthi ngizophinde ngikwazi ukuhlala kulendawo ngoba umjondolo wami ucekelwe phansi amanzi.”

Ubenethemba lokuthi imvula izokwehla kodwa ithemba likaMnyamana lisheshe lashabalala njengoba ebona ukuthi isimo sezulu siya ngokuqina.

“Izimvula ezinamandla ziyinkinga, kodwa uma zihlangene nomoya onamandla ziba ingozi kakhulu. Umoya ungenza ukuthi ulinyazwe izinto ezivela emagcekeni angomakhelwane.”

Njengoba bedinga usizo izakhamuzi zinxuse uMasipala waseKapa ukuthi wengeze imizamo ekusizeni izindawo ezikhahlanyezwe izikhukhula.

Emijondolo yaseWinnie Madikizela, isakhamuzi sibhekane nobunzima ngesikhathi sithola amanzi egcwele umjondolo waso ezintatha.

“Ngaba nenhlanhla ngeledlule, kodwa kulokhu akubanga njalo ngesikhathi ngivuka embhedeni wami ngithuke ngoma ngibona amanzi egcwele umjondolo wami ngamemeza ngokwethuka ngaqala nokuzama ukuwakhipha.”

Okubuhlungu imizamo yakhe ayizange isebenze njengoba amanzi abengena ngenkani ngesikhathi ezama ukuwakhipha.

Lezi zakhamuzi zikulindele ngabomvu ukufika kwezikhulu zikaMasipala wedolobha ngethemba lokuthi zizobeka eqhulwini izindawo ebezinganakiwe ngesikhathi kulethwa usizo ngeledlule.

Okhulumela i-Disaster Risk Management eKapa, uCharlotte Powel ​​uvumile ukuthi lesi simo sishubile.

“Abesimo sezulu kuleli sebekhiphe iseluleko mayelana nomoya onamandla osesigabeni sesihlanu kanti ungase udale omunye umonakalo kuzo zombili izakhiwo imijondolo nezindlu, ingqalasizinda kagesi nezokuxhumana kanye nokusiphuka kwezihlahla.”

Isithombe esingenhla: Imvula enamandla ephinde yahlasela eKapa, ​​okushiye imiphakathi idonsa kanzima ngenxa yezikhukhula eziqhubekayo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva