Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Usinde kukubi umholi wenhlangano yabaHlali KwaZulu-Natal noqokelwe ukubamba isikhundla sikaSihlalo esivuleke ngesikhathi kuxoshwa uMnuz Jacob Zuma.
UMnuz Lawrence Dube kuthiwa ubeseyongena ekhaya kwakhe ngoLwesine ntambama ngesikhathi evika intululwane yezinhlamvu.
UNobhala weSanco KwaZulu-Natal uMnuz Sizwe Cele uthe babonga uthixo ngokusinda kukaDube.
“Uphume engenamyocu kulesi sigameko. Nokho imoto yakhe ilimele ngenxa yezinhlamvu ebezingena kuyo. Sifisa ukuba amaphoyisa asebenze kanzima ukubamba lezi zigilamkhuba ebezizama ukubulala uDube,” kusho uCele.
UDube waziwa ngokuba nesibindi njengoba ngo-2016 wafaka ubuholi bakaKhongolose KwaZulu-Natal enkantolo ngoba ayekhala ngokuthi ingqungquthela abakhethwa kuyo yayinomkhonyovu.
Kuleyo ngqungquthela kwakukhethwe uMnuz Sihle Zikalala wehlula uMnuz Senzo Mchunu kwesikaSihlalo e-Agricultural Show Grownd.
UDube wama necala esekwa abaholi okwakubalwa kubo oMnuz Sthenjwa Nyawose owayeyikhansela laseMlazi elalidume ngokuhola okhukhulela ngoqo bemibhikisho yokuchitha ubuholi bukaZikalala nobukaNkk Zandile Gumede eThekwini.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athe aphenya icala lokuzama ukubulala kodwa akukaboshwa muntu.