Isenkingeni imeya ye-IFP eyasebenzisa imali eyizigidi zamaradi ukwenza isidlo sasekuseni

Celani Sikhakhane

Imeya ye-IFP eyafaka iqembu layo ehlazweni ngezinsolo zokusebenzisa imali eyizigidi ezinhlanu zamarandi ukwenza isidlo sasekuseni eThekwini, ibhekene nekusasa elifiphele njengoba engumuntu ongenamsebenzi ephalamende. 

Imeya yase-Zululand uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ngeke abuyele esikhundleni sakhe sobumeya ukuze aqede ukushuba kwesimo esiqubuke ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho, kusho i-Scrolla.Africa.

“Iqembu alifuni ukuba senkingeni ngoba ziningi izinsolo zenkohlakalo asolwa ngazo okuhlanganisa nombiko wophenyo olwenziwa iMdledle Attorneys olwathunyelwa ngabakwa-Cogta,” kusho umthombo.

“Lowo mbiko uveze izinto eziningi i-IFP engafuni ukuzihlanganisa nazo. Yingakho iqembu lifuna ukumjuba ephalamende likazwelonke ukuze avale isikhala sikamufi uMthokozisi Nxumalo owashona engozini yemoto ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.”

UMengameli we-IFP, uMnumzane uVelenkosini Hlabisa, wenqabile ukuphawula ngombiko wakwa-Cogta, kodwa wadalula ukuthi i-IFP ithatha izinyathelo mayelana nezimeya zayo namakhansela ahlobene nenkohlakalo.

“Esifuna ukukwenza ukubhekana ngqo nalabo abazovilapha bahluleke ukusebenzela abantu,” kusho uHlabisa.

Uphinde waveza ukuthi bonke ababamele bazocelwa ukuthi basayine isifungo sokwethembeka emiphakathini abayisebenzelayo.

Kuthiwa uMntwana uMtuntukaphuwana Zulu kuthiwa useke wavala isikhala sikaMfundisi Buthelezi, kodwa wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

Izihloko zakamuva