Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo
Kuzoqubuka impi enkulu yokubanga isicoco kwi-Formula One kanti i-Red Bull izozithola iphakathi nempi.
Kuyaziwa ukuthi uMax Verstappen ungumshayeli wabo wokuqala kanti uSergio Perez ukhona nje ukuzomeseka njengomshayeli wesibili.
Kodwa-ke, ngemuva kwe-Saudi Arabian Grand Prix, uPerez kungenzeka ukuthi uzohola inselelo eqinile ngokumelene nozakwabo weqembu.
Sekunesikhathi eside kwi-F1 i-Mercedes ithembele kuLewis Hamilton njengohamba phambili, kodwa kuthathe uNico Rosberg ukuthi angene eqenjini ngaphakathi.
Impi yombango ye-Mercedes ngo-2016 yavumela amaqembu afana ne-Ferrari kanye ne-Red Bull ukuthi abambe iqhaza ekuthuthukisweni kwalo mjaho.
Njengoba i-Red Bull ibuswa impi efanayo maningi amathuba okuthi amanye amaqembu akusebenzise lokho njengengxenye yokunqoba lo mjaho.
UPerez uwine i-Grand Prix ngeSonto ngendlela akade enesivinini ngayo, kodwa kwaphakama ukungezwani mayelana nephuzu elengeziwe alinikezwe kwi-lap esheshayo.
UPerez ubehamba kwi-lap eshesha kakhulu futhi bekuhloswe ukuthi kuhlale kunjalo njengoba onjiniyela bakaVerstappen bemtshele ukuthi kumele ahambe kancane kwi-lap esheshayo.
Kodwa-ke, uVerstappen akazange ayilalele imiyalo yeqembu uhambe ngesivinini esisheshayo njengoba umjaho ubusuya ngasemaphethelweni.
UPerez ubonakale ecasukile ngoVerstappen kulandela lesi sigameko egunjini elipholile ngemuva komjaho.
Manje imibiko iphakamisa ukuthi uVerstappen angase ajeziswe ngesenzo sakhe, okungaba ngesokuqala kulo mpetha osephumelele amahlandla amabili.
Ngemuva komjaho uPerez ubhale ku-Twitter into ebeka ingcindezi kuVerstappen ngaphambi kokuyisusa ngemuva kwamahora.
“Bekunzima kunalokho ebengikucabanga, kodwa ekugcineni ngijabule ukuzuza ukunqoba kwami kwesihlanu ku-F1. Sizoqhubeka nokuphusha kanzima ngifuna ukuba ngumpetha,” kufundeka lo mbhalo ku-Twitter.
Ukushuba kwesimo kwafinyelela ezingeni elibilayo ku-Brazilian Grand Prix ngonyaka odlule ngesikhathi uVerstappen enqaba ukuvumela uPerez ukuthi amdlule ukuze athole amaphuzu abalulekile yize wayesevele ewunqobile umqhudelwano.
UPerez uke wasuka izikhathi eziningi endleleni kaVerstappen waze wavimba nabanye abashayeli ukuthi basondele kuye endleleni yakhe yokuwina imiqhudelwano elandelanayo.
Lolu uhlobo lombango osekukaningi lubonakala futhi oluyisiqalo sesiphetho sokubusa kweqembu. Futhu kungaphinde kuqede ukubusa kwe-Red Bull.
Isithombe esingenhla: USergio Perez noMax Verstappen
Umthombo wesithombe: Red Bull