Lubhalwe nguRazeen Gutta
Kungenzeka ukuthi iNdebe yoMhlaba yase-Qatar ibe impumelelo, kodwa ezinye izithembiso azizange zifezwe njengoba izinkundla zilinde ukudilizwa.
Intatheli ye-Guardian uNick Ames wethule izimfihlo ezishaqisayo ngemuva kweNdebe yoMhlaba ebe ngumlando kuLionel Messi.
I-Lusail inkundla yomdlalo lapho okwaqopheka khona umlando ngesikhathi i-Argentina izuza khona izinhliziyo futhi yaqinisekisa ikusasa likaMessi, le nkundla kubikwa ukuthi bekumele isetshenziswe ngemuva komqhudelwano.
Kunalokho utshani buhlale bugundwa, kodwa ayikho imidlalo eseke yaba khona ngemuva kweNdebe yoMhlaba. Futhi ngokusho kuka-Ames, awukho umehluko osuwenzekile okukhombisa ukuthi lendawo izoguqulwa ibe indawo ezophithizela abantu.
Ngemuva kokudlula kwezinsuku eziningi kudlalwe umdlalo wokugcina, inkundla i-974 isamile. Le ndawo eyingqophamlando eyakhelwe ukubhidlizwa yakhiwe ngama-container futhi kwabikwa ukuthi sizodilizwa ngemuva komqhudelwano ngenhloso yokuyakhiwe kabusha kwenye indawo.
Inkundla yezemidlalo i-Al Janoub kanye ne-Al Thumama sezisetshenziswe kwimidlalo ye-AFC Champions League, njengoba inani labalandeli abafikayo limi ku-16 000.
Zombili lezi zinkundla kwakufanele zehliswe umthamo njengoba zinezihlalo ezingu-40 000 nakuba ngokusho kuka-Ames abantu abaziswanga ngentuthuko enjalo.
“Lezi zinkundla ezimbili bekuzokwehliswa umthamo wazo usuka ku-40,000 uye ku-20,000 futhi leli nani eliphansi libukeka lisebenza njengoba inani labalandeli abafike enkundleni libe ngu-16,320, emdlalweni owandulela owamanqamu phakathi kweqembu lendawo i-Al-Duhail neziqhwaga zase-Saudi Al-Hilal,” U-Ames ebhala kwi-9.
“Umthombo owazi ukusebenza kwe-Al Janoub uzwakalise ukumangala ngesikhathi i-Guardian ibika ukuthi umthamo ungase unciphe maduze.”
Isithombe esingenhla: Inkundla yezemidlalo i-974
Umthombo wesithombe: @joepompliano