Isazobhadla esitokisini indodana yomfowabo kaZuma ecaleni lokubulawa komholi weDA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Indodana yomfowabo kaMnuz Jacob Zuma okuyiNkosi Simphiwe Zuma isazoqhubeka ibhadle esitokisini ngecala lokubulala uSostwebhu weDA wakumasipala uMngeni.

Lokhu kulandela ukuthi iMantshi uSandy Sindane iphinde yasihlehlisa isicelo seNkosi Zuma sokuthola ibheyili kuleli cala.

IMansthi ithe iNkosi uZuma ayibuyele esitokisini ngoba isiyokwazi ukulalela isicelo sayo ngomhlaka-3 kuMfumfu (October).

Sekungokwesithathu iNkosi Zuma ibhekene nale ngwadla yokuhlehliselwa ukufaka isicelo sebheyili selokhu yaboshwa ngaleli cala lokubulawa kukaKhansela uNhlalayenza Ndlovu weDA.

Lokhu kucasule abaholi beDemocratic Alliance njengoba umholi waleli qembu eKZN uMnuz Francois Rodgers ebekhala ngokuthi ukuhlehliswa kwesicelo sebheyili kubambezela leli cala futhi kuyaqhubeka nokuzwisa ubuhlungu iqembu kanye nomndeni wakwaNdlovu.

“Kuyephulile imimoya yethu lokhu okwenziwe iMantshi ngoba kubambezela icala esifisa lisheshe liqulwe ukuze umndeni wakwaNdlovu ukwazi ukuthobeka amanxeba. Lokhu osekwenzeka empeleni sekuzosiphoqa ukuba siluthathe udaba siludlulisele eMnyangweni wezoBulunguswa kuleli,” kuchaza Rodgers.

INkosi uZuma isolwa ngokuba ngungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulawa kukaNdlovu okwenzeka ngonyaka ka-2023.

Ebufakazini obethulwa ngenyanga eyedlule enkantolo kwavela ukuthi Inkosi uZuma wahlela itulo lokuba kubulawe uNdlovu ngoba kwakubangwa ukufakwa endaweni ugesi ongekho emthethweni.
Kuthiwa Ndlovu wayephikisana nokuba kukhokhiswe abantu ukuze kuthengwe isigubhu sikagesi owawuzophakela umphakathi.

Kuvela ukuthi ngaleso sikhathi I Ndlovu wayekhala ngokuthi abakwa-Eskom bazobuya basikhiphe isigubhu ngoba akukho emthethweni okwenziwayo kodwa imali yaqhubeka yaqoqwa.
Kuthiwa isigubhu sathengwa safakwa kodwa umuzi kaNdlovu wakhishwa ngaphandle awangafakelwa ugesi.

Ngemuva kwalokho kuthiwa kwafika abakwa-Eskom bawunqamula ugesi nokwabe sekusolwa ukuthi uNdlovu nguye obeyimpimpi maqede wasocongwa.

INkosi uZuma selokhu yaboshwa uma ivela enkantolo ivele ikhihle eseNdlovukazi uNandi.
Akugcini lapho kodwa isiphatha neFodo lakwaShembe elinesithombe soNyazilwezulu bese iyathandaza ebhokisini phambi kweMantshi.

Uyisemkhulu okunguMholi woMkhonto weSizwe uJacob Zuma usekewavela enkantolo ezoyeseka indodana kamfowabo.

Izihloko zakamuva