Sizwe Sibiya
Ngemuva kokukhipha amafilimu amathathu okuqala kwi-Showmax kanye nochungechunge lwemidlalo emibii, i-Showmax ikhulise umdlalo wayo e-Kenya ngokwenza eminye emine evela ezweni laseMpumalanga ye-Afrika.
Umdlalo wokuqala we-Showmax wase-Kenya osihloko esithi-Crime and Justice ukwisizini yesibili njengamanje, kanti ifilimu yokuqala yase-Kenya ye-Showmax ethi-Baba Twins, kanye nochungechunge lomdlalo othi-Single Kiasi imikhiqizo ebhekwe kakhulu eseke yaphuma e-Kenya.
Njengamanje ekudidiyelweni komdlalo we-Showmax, i-Igiza, okuwuchungechunge olunezingxenye ezingu-13 olumayelana namawele, uLinda noNicole besempini ngemuva kwento eyabaphoxa eyashintsha ukuphila kwabo unomphela.
I-Pepeta, okuwuchungechunge lomdlalo oveza amaphupho namaqiniso entsha yase-Kibera, uzoqala ukukhiqizwa ngoMbasa ngonyaka ka-2022.
I-County 49, imayelana nesikhulu sezokuphepha esiphoqeleke ukuthi sisindise uMbusi, kanye nomphathi wabasebenzi, unkosikazi wakhe abahlukana naye bethunjwe iqembu lamaphekula elifuna imali nokuziphindiselela – kodwa isadidiyelwa abe-Kibanda Pictures.
Uma kuqhubeka ukutshalwa kwezimali, i-Showmax ihlela nokwenza ifilimu yokuqala kaKhisimusi yase-Kenya, engakabi nesihloko. Njengoba imidlalo emine ingakalungi, i-Showmax esitatimendeni ithe le midlalo emine izophuma kuwona lonyaka.
Umthombo wesithombe: Supplied