Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Isazi sezibalo u-Aviwe Sofoyiya wenze imanuwali yezibalo ukuze enze isifundo sibe lula futhi asize abafundi bebanga likamatikuletsheni abadonsa kanzima kuso.
Imanuwali Yokuziqeqesha YeBanga likamatikuletsheni Ingxenye yokuqala ihloselwe ukusiza abafundi ukuthi bathole imiphumela engcono futhi bakwazi ukuthathwa ezifundweni zasemanyuvesi nasemakolishi ezidinga ukuphasa kahle izibalo.
USofoyiya uthi le manuwali yenza izifundo zezibalo zibe lula ukuze nomfundi othatha kude akwazi ukuqonda.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uSofoyiya uthe ekukhuleni kwakhe ubekuthanda ukufunda izibalo, futhi enombono wokwakha isikole sokuqala sezibalo nesayensi e-Peddie, e-Eastern Cape.
“Njengoba ngikhulele emiphakathini nasemadolobheni antulayo ngabona ukuthi nakuba ngithanda izibalo nesayensi kodwa baningi abafundi abadonsa kanzima kulezi zifundo.
“Lokhu kudalwe kakhulu yisisekelo esingesihle sezifundo ezisemabangeni aphansi okwenza kube nzima ukuthi babhekane nazo emabangeni aphezulu.
“Eminyakeni edlule ngibonile nokuthi baya ngokuya beba bancane abafundi abenza lezi zifundo njengoba bezibona zinzima,” usho kanje.
Lesi sazi sezibalo sithe ngo-2022, ngenkathi sinenkontileka ne-IkamvaYouth kanye ne-Shell Stem Programme e-Peddie yokuqapha uhlelo lokufundisa, sabona ukuthi inselelo yayinkulu kakhulu kunalokho ayekucabanga ekuqaleni.
“Ngenxa yokushoda kwabafundisa lezi zifundo ngiphoqeleke ukuthi ngifundise amanye amakilasi amaningana. Phakathi nalesi sikhathi, ngakwazi ukuhlonza nezinselele ezithile.
“Ezifundweni zami, ngethule amanye amasu alula, futhi ngaqala ukubona ukuthuthuka ekusebenzeni kwabafundi.
“Kungaleso sikhathi lapho ngathatha khona isinqumo sokuthi ngiqale ukusebenza ngemanuwali. Ngemuva kweminyaka emibili, ngiyaziqhenya ngokuthi ngilifezile leli phupho,” kusho yena.
Le ncwadi ihloselwe ukuguqula umqondo ongemuhle wokuthi isifundo sinzima, nokuthuthukisa amamaki abafundi.
USofoyiya ukhuthaza abafundi bakamatikuletsheni abazobhala izivivinyo zabo zokuqala ngenyanga ezayo ukuthi bagweme ukwethuka.
Abafundi bakamatikuletsheni abanesifiso sokuthola le manuwali bangathintana noSofoyiya ekhasini lakhe le-Facebook (Sofoyiya Vumithongo Aviwe) noma bamshayele ku-066 349 8811.
Osesithombeni ngenhla: U-Aviwe Sofoyiya.
Umthombo: Uthunyelwe