Isayinzukazikeyi e-PSL neChiefs

Menzi Magubane

Kulindeleke ukuthi iqhubeke impi phakathi kwe-Kaizer Chiefs ne-PSL ngemuva kokuthi leli qembu lithweswe icala lokuqoka abadlali ababili ukuthi badlale imidlalo yeligi.

Umshushisi we-PSL uZola Majavu ukuqinisekisile ukuthi abadlali be-Chiefs u-Aden Tristan McCarthy noMduduzi Shabalala babengabhaliswanga ngendlela efanele emdlalweni owawukhona we-Chiefs ne-Sekhukhune United ngomhlaka-12 kuZibandlela nyakenye.

Bobabili uMajavu noMcCarthy babengakaze badlale ngesikhathi i-Chiefs iwina ngamagoli amabili eqandeni enkundleni yase-FNB.

Leli qembu laseGoli libhekene nokuphucwa amaphuzu amathathu.

“I-Kaizer Chiefs ibekwe icala ngokufaka abadlali ababengabhaliswanga ngesikhathi bedlala ne-Sekhukhune FC,” kusho uMajavu.

Umshushisi wengeze ngokuthi laba badlali ababhalisiwe kwi-DStv Premiership.

“Babhaliswe ngezinhloso ze-reserve League okuyikhona okuyisisekelo sezinsolo ababhekene nazo njengamanje,” kusho uMajavu.

Udaba luzolalelwa ngoLwesine.

Akukhona okokuqala kule sizini i-Chiefs ithweswa icala i-PSL. Ekuqaleni kukaZibandlela i-Chiefs ihlulekile ukuhlonipha imidlalo emibili yeligi ngesikhathi kumele ibhekane ne-Cape Town City kanye ne-Golden Arrows ngemuva kokubheduka kwe-Covid-19 eqenjini.

I-Chiefs ibekwe icala i-PSL DC kanti amaphuzu ayisithupha bekufanele iphucwe.

Amakhosi nokho adlulisele udaba lwawo kwi-Safa kuNazeer Cassim oxazulule elinye lamacala abo elivune bona ngomhlaka-18 kuNdasa njengoba bengayidlalanga imidlalo yabo ne-City kanye ne-Arrows.

Nokho, isikhulu se-PSL sithathe isinqumo somxazululi sasidlulisela phambili ukuthi sibuyekezwa eNkantolo eNkulu yase-South Gauteng. Kuze kube manje alukho usuku olubekiwe lokuya eNkantolo nokuyinto okufanele i-PSL ikhathazeke ngayo njengoba i-DStv Premiership izophela emasontweni ayisithupha.

Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma

Scrolla World Cup Quiz