Inkinga yokuphuza utshwala kwabadlali bebhola bakuleli iyaziwa futhi kade kwaba ubuthaka babo, kubhala uMichael Madyira.
Muva nje kuvele izinsolo ngabadlali ababili beMamelodi Sundowns abagile izimanga bafika endaweni yokuzilolonga e-Chloorkop e-HQ bebukhile.
Abadlali babelana nge-ejenti eyodwa evumile ukuthi kunezinkinga. Umqeqeshi uRhulani Mokwena akaphawulanga kakhulu kodwa uye wazibophezela ekutheni uzobavikela bobabili laba badlali.
Lokhu kuzophazamisa kancane izinhlelo zeqembu kanti omunye wabadlali abahlonziwe useyekile ukuzilolonga neqembu.
Abadlali bebhola abaningi bakudala nabamanje sebeqoshwe kaningi bechaza ukuthi utshwala nokuthandana nabesifazane abaningi kubaphuce kanjani into ababeyisebenzele kanzima.
Abanye bakhulume ngendlela imisebenzi yabo ekhazimulayo eyaphela ngayo ngaphambi kwesikhathi ngenxa yotshwala nokuhamba izindawo zokucima ukoma ubusuku bonke.
Ngaphambi kokuthi kuqale isizini esikuyo, abadlali abake badlalela iKaizer Chiefs uDaniel Cardoso kanye noLeonardo Castro badalula ukuthi abanye ozakwabo bafika endaweni yokuzilolonga bedakiwe.
Lokhu kubeka obala izinkinga ezise-Naturena.
Ngisho neqembu imbala lake laqoshwa likhala ngokuthi lizame kanjani ukusiza umdlali ngokwelulekwa ngemuva kokuthi “emiswe amahlandla amaningi, okuhlanganisa nakabili ngesizini eyodwa”.
Ngiyakhumbula ukuthi eminyakeni engu-11 edlule ngahlangana nowayengumdlali weChiefs endaweni yokucima ukoma yasebusuku.
Wayeziqhayisa kubangani bakhe ngokuthi ngemuva kokuphuza ubusuku bonke uyakwazi ukuvuka ekuseni ngemuva kokulala amahora ambalwa anakekele ibhabhalazi lakhe ngobhiya owodwa futhi abe ngomunye wabokuqala ukufika endaweni yokuzilolonga.
Waqhubeka nokuqhosha ngokuthi uba ngomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu uma bezilolonga.
Empeleni wayezama ukusho ukuthi utshwala buwuhlobo oluthile lwento esiza umzimba wakhe.
Lo mdlali okukhulunywa ngaye usadlala futhi ushaya amagoli phesheya kwezilwandle.
Lena akuyona nje inkinga yelakuleli kuphela. NgoMsombuluko, imibiko evela e-France iveze ukuthi umdlali we-Paris Saint-Germain ufike endaweni yokuzilolonga edakiwe.
Kodwa kukhathaza kakhulu ogwini futhi kubukeka sengathi asikho isisombululo kule nkinga yotshwala.
Yebo umdlali okufanele athathe isinyathelo sokuqala. Kodwa umbuzo usamile: singaqhamuka kanjani nohlelo olungcono lokweseka abadlali ukuze sixazulule inkinga ngaphambi kokuthi silahlekelwe amathalente amaningi?
Esithombeni esingenhla: Ukuphuza utshwala ube ubukela umdlalo