Isayinkinga ekaphethiloli kuleli

Dylan Bettencourt

NgoLwesibili uMgcinimafa Kazwelonke umemezele ukuthi uzokwelula ukwehliswa kwentengo kaphethiloli anciphise ukunyuswa kukaphethiloli ngoLwesithathu.

Intengo kaphethiloli engu-95-octane unleaded izonyuka ngo-R2.33 ilitha ngoLwesithathu kanti uphethiloli ongu-93-octane unleaded uzonyuka ngo-R2.43 ilitha kumemezele uMnyango weZinsiza Namandla ngoLwesibili.

Lokhu kunyuswa kwemali bekumele inyuke ngo-R1.50 njengoba kuzophela le nyanga futhi njengoba lokhu kwethulwa ngoMbasa noNhlaba kuphela.

Usizo oluzolethwa uMgcinimafa luzokwelulwa ngenyanga eyodwa kuze kube mhla ziyisithupha kuNtulikazi kanti uphethiloli uzokwehla ngo-75c ngenyanga ezayo.

Ukwehliswa kwentengo kaphethiloli kuzobe sekuhoxiswa kusukela mhla zintathu kuNcwaba, ngokusho  kwesitatimende  esikhishwe nguMnyango Wezezimali Kazwelonke kanye noMnyango weZinsiza Namandla (i-DMRE).

Ngaphandle kokuthi ukwehliswa  kuqhubeke intengo kaphethiloli ibizonyuka cishe ngo-R4 obekuzothatha uphethiloli ongu-95 octane ngaphezu kuka-R25 ilitha.

“Ngenxa yalokhu kunyuka kwentengo okubalulekile nyanga zonke uNgqongqoshe wezeziMali namuhla usehambise incwadi kuSomlomo wePhalamende likazwelonke ecela ukuthi kwethulwe isiphakamiso sezinyanga ezimbili sokuthi kwelulwe ukwehliswa kwentengo kaphethiloli,” kusho isitatimende.

Imali elahlekile ngesikhathi kwehliswa intengo kaphethiloli ilinganiselwa ku-R4.5 billion eNingizimu Afrika.

“Ngokungafani nesimemezelo sangaphambilini lesi siphakamiso kulindeleke ukuthi sibe nomthelela ohlakeni lwezimali njengoba singeke sixhaswe ngokugcwele ngokudayiswa kwamasheya kawoyela,” kwengeza isitatimende.

Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli okuke kwazwakala emhlabeni wonke kuwumphumela wezingxabano eziqhubekayo e-Ukraine nase-Russia okungamazwe amakhulu aphethe uwoyela ongahluziwe.

Ukwesaba kwe-Russia ukuthi izovalelwa ngaphandle kwemakethe kawoyela njengoba isebenzisa udlame kwenze kwakhuphuka intengo kawoyela ezinyangeni ezedlule.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Scrolla World Cup Quiz