Isasasa ngombukiso wamagcokama aseMsinga ashaya ukotini 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Unyaka wonke bebesebenza kanzima kanti manje amadoda asesigodini sakwaMashunka eMsinga asephathwa njengezihlabani uma ebuya emakhaya ngasikhathi  sikaKhisimusi.

Njalo ngoKhisimusi la madoda agcwala imigwaqo yaseMsinga maphakathi neKwaZulu-Natal egqoke izingubo ezifanayo.

La madoda agqoka  izimpahla zemfashini ezimba eqolo kusukela ezicathulweni ze-Carvela kuya kumabhulukwe o-Brentwood.

Ngesikhathi behla benyuka  emigwaqeni begqoke izimpahla ezifanayo, abesifazane nabanye abasuke bebuka belilizela.

Lo mcimbi oba njalo ngoKhisimusi ubungaza ukubuya kwabo ngokuphepha ngemuva konyaka besebenza kanzima benakekela imindeni yabo ezindaweni ezikude ezweni lonke.

USipho Ngcobo – osebenzela eGoli okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-400 ukusuka ekhaya – uthi lo mcimbi uyamgqugquzela ukuthi asebenze ngokuzikhandla kakhulu.

“Kuhlezi kumnandi ukubongwa ngokwenza okuthile okuhle. Ngikubheke ngabomvu ukuya ekhaya ukuyobungaza uKhisimusi ,” esho.

Uthe unkosikazi wakhe uNonhlanhla uhlala nonina nezingane zabo.

“Kuwumsebenzi wami ukuthi ngibanakekele njengendoda yekhaya njengoba ubaba engasekho.”

Uthe lo mcimbi bawuqala beyiqembu elincane labesilisa abasebenza kude nasekhaya. Kusukela lapho wakhula ngokumangazayo waba isiko likaKhisimusi elingenakuphikiswa kulo lonke idolobhana.

“Lo mcimbi ugqugquzela abesilisa ukuthi bondle imindeni yabo ngaphambi kokuthi bezitotose. Masithengeni izinto ezinje ngotshwala nezingubo  uma sesithengele imindeni yethu.”

Esithombeni esingenhla: Abesilisa baseMsinga abondla imindeni yabo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva