
Everson Luhanga
UGides Chalamanda wayeneminyaka engu-70 ngesikhathi eqopha ingoma yakhe ethi-“Linny” ngo-2000.
Ngemuva kweminyaka engu-22, uChalamanda oneminyaka engu-92, usephenduke undabuzekwayo emhlabeni ngemuva kokusabalala kwengoma yakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Ku-Tiktok ingoma ethi-“Linny” isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-80 million futhi isibalo sisaqhubeka nokunyuka.
Kwabelwana ngale ngoma esabalalayo ngaphansi kwe-#LinnyHooChallenge, ehlanganisa abantu bazo zonke izinhlanga, iminyaka, nobulili abahlanganyela ndawonye ukucula le ngoma emnandi.
Abaculi baseNingizimu Afrika, e-Philippines, nase-Canada benze ama-remix abo ukukhombisa uthando lwale ngoma.
Ividiyo yale ngoma iqale ukusabalala ngemuva kokuthi ifakwe ku-YouTube lapho esibukwe khona ngabantu abangaphezu kuka-6.9 million. Ngasekupheleni konyaka odlule, yafakwa ku-TikTok futhi yasabalala umhlaba wonke.
UChalamanda ubengazi lutho ngomthelela wengoma yakhe! Usanda kuzwa ngezingane zakhe kanye nabangani bakhe ngendlela ingoma yakhe ethandwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
UChalamanda wazalwa ngo-1930 e-Chiradzulu, idolobhana elincane eliseningizimu ye-Malawi, amakhilomitha angama-25 ukusuka edolobheni lezohwebo lase-Malawi i-Blantyre. Waqala ukuthola udumo ezweni lakubo ngezingoma ezihlabahlosile ezifana nethi-“Buffalo Soldier”, lapho acula khona ngephupho lakhe lokuvakashela eMelika, kanye nengoma ethi-“Napolo”.
Engomeni yesi-Chichewa ethi-“Linny”, uChalamanda ukhuluma ngendlela abonga ngayo enye yamadodakazi akhe, uLinny, ngokuziphatha kahle kwayo nosizo lwayo kubazali bayo ngokushanela igceke.
“ULinny naye ubongwe ngothisha bakhe esikoleni ngokuzikhandla kwakhe”.
UChalamanda waqokwa njengomculi oyi-Best Neo Traditional kuma-Music Malawi Awards.
UChalamanda usebenzisane nabaculi abambalwa abasebancane iminyaka eyishumi edlule futhi usacula ezweni lonke.
Waduma umhlaba wonke ngonyaka odlule ngenkathi uPatience Namadingo, umculi wezokholo osemncane, ehlangana noChalamanda ukuqopha i-reggae remix yengoma ethi-“Linny”, enesihloko esithi-“Linny Hoo.”
Ngamaholidi adlule, uChalamanda ujabulise abantu base-Malawi abaningi ngokucula emadolobheni amakhulu ase-Malawi i-Blantyre, i-Lilongwe, i-Mzuzu kanye ne-Zomba.
Umfutho asenawo namanje uma esesiteji wanele noLinny, uthe akazi ukuthi angayithola kanjani imali yokudlalwa kwengoma yakhe ku-TikTok.
Imenenja yakhe uPemphero Mphande utshele i-AFP ukuthi uyalubhekisisa lolu daba futhi i-Copyright Society of Malawi ithe ikulungele ukusiza.