Isasasa ngedamu okubhukudwa kulona eliyingozi

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ichibi lemayini elingasasetshenziswa eNseleni eMhlathuze seliphenduke indawo yokuvakasha yabantu abaningi edolobheni elisenyakatho yeKwaZulu-Natal.

Ngisho nokushona kukaNdonda Manqele (42) ominze ngomhlaka-19 kuMasingana kubukeka kungawuqedanga umoya wezakhamizi ezisaqhubeka nokuthutheleka kule ndawo – manje eyaziwa nge-swimming pool of death.

Ngezimpelasonto, leli chibi liba nesiphithiphithi, kufakwa ama-gazebos, izitendi ze-braai ezigcwele inyama nama-cooler box agcwele utshwala njengoba abantu bebelibangisa khona beyobhukuda ngesikhathi kushisa kakhulu.

ODJ bendawo bahlezi bekhona ukuze bajabulise isixuku ngomculo wama-piano odumile nowe-Gqom.

Zonke izixwayiso ezimelene nokuguqula leli chibi libe i-swimming pool kusobala ukuthi abantu abazilaleli  njengoba  sikhula isibalo sabaya kule ndawo ngezimpelasonto.

Osomabhizinisi bendawo abahlakaniphile balibambe ngezandla zombili leli thuba. Utshwala, inyama namapuleti okudla kuyadayiswa kule ndawo.

UTader Sibongile Ngema odayisa ukudla kule ndawo uthe: “Ibhizinisi lami lenza kahle lapha. Abantu abeza lapha bangeseka kakhulu.”

UNgema ohlala eNseleni uthe waqala ukudayisa kule ndawo ngesikhathi ebona isibalo sabantu abaya khona sikhula njalo ngezimpelasonto. “Ngabona ukuthi baningi abantu abaya khona. Nganquma ukuzama inhlanhla futhi kubonakala sengathi inhlanhla ingakimi.”

Ngezinsuku zaphakathi nesonto, uNgema udayisa ukudla ngaphandle kwefemu yasendaweni e-Richards Bay kanti ngezimpelasonto uya kuleli chibi – noma “edamini lokubhukuda” njengoba izakhamizi zikhetha ukulibiza kanjalo. Umasipala waseMhlathuze usuxwayise abantu ngobungozi bokubhukuda kuleli chibi.

Leli chibi lake laba ngele nkampani iKumba Quarry, ngokusho kukaMnu Bongani Gina okhulumela umasipala waseMhlathuze, kodwa manje selingaphansi kwesizwe sakwaKhoza.

Esithombeni esingenhla: Okwenzakalayo kuleli chibi le mayini

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva