Isaqhubeka nokushuba ingxabano yabaholi baseKapa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Njengoba kukhula ukungezwani phakathi kobuholi obusha nobudala emijondolo yase-Covid eKapa, ​​amalungu omphakathi azizwa esekhathele ile mpi engapheli.

Okhulumela amalungelo abantu abahlala emijondolo uLuthando Mcuntula ubalwa njengomunye ongene shiqi kulo mbango.

Ngokusho kukaMcuntula amalungu ekomidi amadala awazimisele ngokudela amandla awo ebuholini obusha obuyingxenye yabo futhi obuzimisele ngokuletha ushintsho buphinde bunakekele izidingo zomphakathi.

NgoMasingana wathola ucingo lumazisa ukuthi umjondolo wakhe ucekelwa phansi ngabantu okubikwa ukuthi bagqugquzelwa ngamalungu ekomidi amadala.

“Ngesikhathi ngifika abantu bebecekela phansi umjondolo wami, kodwa bavele babaleka ngesikhathi bengibona.”

Ngokuhamba kwesikhathi ngalo lolo suku, abaholi namanye amalungu omphakathi bafika bezoshisa umjondolo nazo zonke izimpahla zakhe ebezingaphakathi.

Ekugcineni, ngeSonto ngomhlaka-12 kuNdasa kuboshwe abaholi abane mayelana nesigameko sokushiswa komjondolo kaMcuntula.

Ukuboshwa kwengeze uphethiloli kwingxabano ebivele ishubile phakathi kobuholi obudala nobusha.

UMnu Zusiphe Makhwenkwe ongomunye wabaholi bomphakathi ababoshiwe, uphikile ukuthi uyathinteka esigamekweni sokushiswa kwemijondolo wazwakalisa ukushaqeka ngokusolwa.

“Ukuchitha ubusuku ejele yinto engihlukumeze kakhulu engake ngahlangabezana nayo empilweni yami,” kusho uMakhwenkwe.

UBusisiwe Mdletye, omunye umholi womphakathi usole uMcuntula ngokuhamba kwabantu emphakathini.

“Sawulwela kanzima lo mhlaba njengoba yena efike ngo-2021. Ukhethwe ngoba umphakathi ubumethemba futhi ucabanga ukuthi uzowusebenzela, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi akenzi ngendlela efanele.”

Njengoba amalungu amadala esaphika ukuthi ayabandakanyeka kulolu daba lokushiswa komjondolo, uMcuntula usamile kwelokuthi yibona abashise umjondolo wakhe.

“Ngizimisele ngokuwasula amacala uma bengakhela kabusha umjondolo wami babuyisele nezimpahla zami,” kusho uMcuntula.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa wathi abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-32 no-45 baboshiwe mayelana nokucekelwa phansi komuzi ngesikhathi kusha ngoMasingana ngo-2023.

“Abasolwa abane babekwe icala lokushisa bavele naseNkantolo.”

Kodwa-ke, uPojie uthe icala lisamisiwe isikhashana kulaba basolwa abane futhi badedeliwe njengoba kusaqhutshekwa nophenyo.

Esithombeni esingenhla: ULuthando Mcuntula emi eduze kwezinsalela zomjondolo wakhe oshile

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva