Isaqhubeka nokumisa kabi abaculi ekaBig Zulu

Sizwe Sibiya

Obekubonakala kuwumzamo omkhulu kaBig Zulu wokubuyisa umculo we-rap usuthathe ijika elingalungile elingakaze libonwe. UK.O usezithole esohlangothini olungalungile lwe-dis track.

Njengoba umnikazi welebuli yokuqopha umculo i-Inkabi Nation esanda kukhipha ingoma i-150 Bars, wenze ezibukwayo ngesonto eledlule njengoba ehudulele amagama omrepha odakeni.

UCassper Nyovest ube ngowokuqala ukudalulwa kule ngoma ekhishwe ngoLwesihlanu ngomhlaka-19 kuNcwaba. 

Amanye amagama aphathwe ngendlela efanayo elika-Emtee, uStogie T, u-AKA kanye no-K.O.

Kodwa uK.O akazange ayithathe kalula le ngoma. Uvele wakhipha ingoma yakhe ye-diss track ngoMsombuluko ngomhlaka-22 kuNcwaba, eyibiza ngokuthi i-Omega Freestyle ezipendulela kuBig Zulu.

UK.O waziwa ngokungadlali uma ekhafula amavesi akhe. Uqale “isiko lakhe lomhlatshelo ngeNkabi Nation ngekhava lengoma ehambisana nesihloko sayo futhi ethuka kabi uBig Zulu ovamise ukugqoka izimbadada ze-Omega.

“Back and forth is not gonna happen, it’s just a teachable moment, but if it escalates I am up for the challenge,”  kurepha uK.O engomeni yemizuzu engu-2:42 ekubeka kucace ukuthi akamesabi uBig Zulu.

U-Emtee naye akasalanga kule ngoma kaBig Zulu i-150 Bars, kodwa ngesikhathi edlala ividiyo ebukhoma ku-Instagram wakhe uzenze isisulu esizimisele ngokuphonsela inselelo kulo mrepha uma efuna ukubhekana naye. 

Khonamanjalo u-K.O osanda kukhipha ingoma eyodwa enesihloko esithi “Sete” ehlanganisa uYoung Stunna noBlxckie wecwecwe lakhe elizayo elithi SR3 i-Skhanda Republic 3, wenze i-albhamu enamathrekhi angu-14 ezoze ikhishwe ngokusemthethweni ngomhlaka-16 kuMandulo. 

Umthombo wesithombe: YouTube

Izihloko zakamuva