Isaqhubeka imidlalo ye-Afcon ka-2021

Razeen Gutta

Yonke imidlalo yangoMsombuluko ye-Afcon  ka-2021  iphele ngo-1-0 njengoba -Morocco icasule abaningi ngokuguqisa i-Ghana.

I-Morocco ibingophunyuka bemphethe ngenxa yegoli likaSofiane Boufal alishaye ngemuva kwesikhathi eside uqalile umdlalo njengoba behlule iziqhwaga zase i-Ghana eseNtshonalanga ne-Afrika,  zingalindele.

Isimo besishubile ngoMsombuluko e-Bafoussam lapho i-Zimbabwe ivimbe i-Teranga Lions yase-Senegal ekuzakheleni amathuba amaningi okuwina. Njengoba ibhola beliphumela ngaphandle isikhathi esiningi,  i-Senegal izamile ukugadla kathathu.

Banqobe ngesiwombe sesibili ngesikhathi umgadli we-Liverpool uSadio Mané eshaya igoli.

“Ngeke uthembele  kumaphenalthi kodwa enginesiqiniseko ngakho ukuthi ukudlala ngokuzikhandla kuletha izithelo ezinhle, etshela i-Wiwsport.

Lo mdlali wasesiswini we-English Premier League bekungeyena yedwa umdlali we-Liverpool  obegqamile eqenjini lakhe. UNaby Keita usize iqembu lakhe i-Guinea ngesikhathi beguqisa i-Malawi ekhahlamezwe i-Covid-19 ngo-1-0. I-Malawi ibishoda ngabadlali abangu-13 abebengekho ngenxa yokutholakala ukuthi bane covid-19, yakwazi ukudlalisa abadlali abangu-11 kuphela.

Kodwa yize kunjalo  i-Malawi ayizange saber ukubhekana ne-Guinea. Igoli lika-Isaiah Sylla ilona elihlukanise inhloko nesixhanti kumaqembu amabili.

Umdlalo wangoMsombuluko oqale ngemuva kwesikhathi ebesibekiwe, i-Gabon iguqise i-Comoros yize ukaputeni wabo uPierre-Emerick Aubamayeng ubengekho. Lo mdlali oqavile we-Arsenal ubengekho ngenxa yokutholakala ukuthi une-Covid-19. U-Aaron Boupendza we-Al Arabi ukhuphule izinga lokudlala ngesikhathi engekho ukaputeni wabo, washaya igoli elilodwa emdlalweni bebhekene nabadlala okokuqala ku-Afcon.

Imidlalo isaqhubeka namuhla njengoba i-Nigeria izobhekana ne-Egypt ngo-6 ntambama. I-Algeria ibhekane ne-Sierra Leone ngo-3 ntambama kanti i-Sudan izobhekana ne-Guinea-Bissau phakathi nobusuku.

Umthombo wesithombe: @ThisIsAnfield

Izihloko zakamuva