
Celani Sikhakhane
Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye izibhelu zangoNtulikazi zahlasela izifundazwe zaKwaZulu-Natali neGoli.
Ngemuva kwesikhathi izibhelu sezaphela kodwa kusazwela emiphakathini eminingi njengoba amabhizinisi amaningi alimala engakalungiswa.
Labo abathinteka ngesikhathi kuntshontshwa futhi kushiswa izitolo badonsa kanzima ukuze bathole izidingongqangi, ngoba manje sekumele bahambe amabanga amade ukuze bathole izidingo.
Emalokishini aseThekwini afana neNanda, eNtuzuma, KwaMashu, eMlazi, e-Lamontville, nasemadolobhaneni asemakhaya afana ne-Bulwer isimo sinzima.
Ngonyaka odlule isigungu ebesiphenya ngalezi zinxushunxushu siveze ukuthi abesifazane yibona abathinteke kakhulu kwazise iningi labo lilahlekelwe imsebenzi.
Izisulu zase-Phoenix nemindeni yazo namanje abakabutholi ubulungiswa.
Izitolo ezifana ne-Mega City eMlazi kanye nePhilane Mega Mall ziwumlotha.
Lezi zinxanxathela zezitolo bezisiza abantu abaningi emiphakathini yaseMlazi, e-Lamontville, eMakhutha, eFolweni kanye nase-Glebelands.
Labo bantu sekumele bahambe baye enxanxatheleni yezitolo iManzimtoti Galleria, okuwuhambo olubiza u-R50 njengoba kumele badlule eSiphingo.
Kwamashu, eNanda naseNtuzuma abantu kumele baye e-Gateway, okuwuhambo olubiza u-R20.
OLundi lapho abantu abaningi abekhetha ukwenza konke okusemandleni abo ukuvikela amabhizinisi abo, izinto zisesimeni esikahle. UPhohloza Zungu weSinothando Rural Youth Development utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uLundi lukwazile ukuvikela amabhizinisi alo futhi abantu abakuhluphekeli ukuthola izidingongqangi zabo.
Ngapha azikho izitolo ezicekeleke phansi kwazise osomabhizinisi banquma ukuvikela izitolo zabo,” kusho uZungu.
Ezindaweni eziningi azikho izimpawu zokuthi lezo zezitolo zizosebenza maduze.
Ngisho nezindawo zodokotela zisavaliwe emalokishini.