Isalukazi sinyathelwe indlovu sashona

Kamogelo Olaitan

Indlovu eMpumalanga ne-India inyathele isalukazi esineminyaka engu-70 saze sashona, kodwa okuthusayo iphinde yatheleka emngcwabeni ngemuva kwezinsuku ezimbalwa inyamalele izoqedela ebikuqalile. 

UMaya Murmu uhlaselwe yile ndlovu ngoLwesine olwedlule ngesikhathi eyokha amanzi esifundeni sase-Mayurbhanj.

UMurmu ubelimele kakhulu ngemuva kokuhlaselwa indlovu  kwathi ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela sendawo.

Lokho kuwuhlukumezile umndeni kagogo, kodwa okubahlukumeze kakhulu ukubuya kwayo le ndlovu ngesikhathi umndeni wenza usiko lokumngcwaba. Ifike yakhipha isidumbu sika-Murmu ebhokisini  yasinyathela yasilahlela le kude. 

Umndeni kaMurmu okhungathekile kubikwa ukuthi uvele wabaleka ngesikhathi kuqhamuka le ndlovu kanti uze wakwazi ukwenza usiko lokumngcwaba ngemuva kwamahora ambalwa indlovu isihambile.

Iphoyisa uLopamudra Nayak ucashunwe i-Press Trust yase-India ethi indlovu yasendle idukile endaweni yokulondoloza izilwane zasendle e-Dalmada, eqhele ngamakhilomitha angu-200.

Kubikwa ukuthi kube nokungqubuzana okuningi phakathi kwezindlovu e-India ngenxa yokugawulwa kwamahlathi okuqhubekayo. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuvula izindawo ezintsha zokuhlaliswa kwabantu, izimboni nezolimo. 

Izindlovu ziphoqeleka ukuthi ziyiswe ezindaweni ezincane futhi ziya ngokuya ziyaduka ngesikhathi ziyofuna ukudla.

Ngokusho kukaNgqongqoshe Wezemvelo, Amahlathi kanye Nesimo Sezulu abantu abangu-1,401 kanye nezindlovu ezingu-301 zibulawe phakathi konyaka ka-2018 no-2020 ezweni.

Okunye ukufa kwezindlovu kwenzeka ngesikhathi zihlaselwa, zidliswa ushevu noma zishokhwe ngogesi, ngemuva kokulimaza izitshalo emapulazini.

Izihloko zakamuva