ISafa kumele ixolise kuBanyana: Ria Ledwaba

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

I-South African Football Association (Safa) kumele ixolise kuBanyana Banyana nasesizweni sonkana, kusho lowo owayeyiphini likamengameli we-Safa uRia Ledwaba ngempelasonto.

NgeSonto eledlule, iqembu lesizwe labesifazane lidube umdlalo walo wokuvalelisa ebelizowudlala ne-Botswana liphikisana nezinkontileka elisinikezwe yi-Safa.

Amalungu esikwati athe izinkontileka zawo bezingabhaliwe imali engango-$30,000 yokubonakala ethenjiswa yi-Fifa kubadlali abangu-23.

ULedwaba, oseneminyaka esendimeni yebhola ubekhuluma emcimbini wokusiza abantulayo obuse-Mamelodi ngempelasonto.

ULedwaba uthe lokhu okwenzekile kuyihlazo futhi kuyaphoxa ezweni lethu.

“Ithuba lokukhombisa izwe ukuthi amantombazane ami ngomumo kangakanani lalahleka. Abadlali baphathwe kabi futhi kubuhlungu kubalandeli abebeze enkundleni bezokweseka i-Banyana. Nakwamanye amazwe abalandeli bebezophuma enkundleni,” kusho uLedwaba.

Lowo owayengumnikazi we-Ria Stars Football Club owamelana noDanny Jordaan kwesobumengameli we-Safa uthe uyayamukela imizamo yeMotsepe Foundation yokuhlenga lesi simo.

Ngosizo lwenhlangano iMotsepe Foundation, lesi sikwati sihambe ngoLwesithathu siya e-New Zealand ngemuva kokuxazululwa kwengxabano ebiphakathi kwabo ne-Safa.

Isungulwe ngusomabhizinisi ongusozigidi uPatrice Motsepe nonkosikazi wakhe uPrecious Motsepe, le nhlangano ithembise izimali zokuxazulula le ngxabano.

ULedwaba uthe ufisa sengathi zinganda izinhlangano ezifana neMotsepe Foundation.

“Ngifisa sengathi nezinye izinhlangano zingaphosa esivivaneni. Kungani singakwazi ukufunda emaphutheni? Kungani le nkinga iziphindaphinda? Akuqali ukuthi sizithole sisebunzimeni obungaka,” esho.

ULedwaba uthe unethemba lokuthi lokhu kuzoba ithuba lokufunda. “Yize ngingazi ukuthi sizofunda kuze kube nini kodwa ngeke kube ukuthi sifuna ukuhlengwa ngaso sonke isikhathi.”

“I-Safa kumele izihlole, ngethemba lokuthi izokwazi ukuzwa zonke lezi zikhalo. Ngabe iyabona ukuthi idicilela phansi abalandeli neqembu eliya eNdebeni yoMhlaba? Sinenhlangano esiyithanda kakhulu esenkingeni.“ esho.

Esithombeni esingenhla: URia Ledwaba uthi i-Safa kumele ixolise kuBanyana kanye nasesizweni sonkana

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva