ISafa kumele ijezise abalandeli beSundowns abathuka uMosimane ngoMgqibelo

Menzi Magubane

Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, wathukwa ngabalandeli beqembu leSundowns kulandela ukuhlulwa kwabo yiqembu likaMosimane, i-Al Ahly ngoMgqibelo.

Kusazobhekwa ukuthi i-South African Football Association (Safa) izoyijezisa kanjani iDowns kulandela lesi sigameko, kodwa esitatimendeni esikhishwe yi-CEO, u-Advocate Tebogo Motlanthe, uthe bazofika emaphethelweni odaba bese bejezisa izigilamkhuba.

‘’Laba bantu abagcinanga ngokululaza umqeqeshi uMosimane, bafake negama lezwe ehlazweni,” kusho uMotlanthe.

“Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthola laba benzi bobubi ebese siyabajezisa ngezinhlawulo ezinzima kakhulu.”

UMosimane ubuyele ekhaya okokuqala selokhu eshiye iSundowns ngonyaka odlule wajoyina iqembu laseGibhithe.

Endleleni yakhe ebheke eLucas Moripe Stadium neqembu lakhe emdlalweni wesibili we-CAF Champions League quarter-final, iqembu labalandeli beSundowns belibonakala kuvidiyo liphethe izingqwembe ezibhalwe ngenhlamba ezibhekiswe kumphathi oneminyaka engama-56.

“Ngeke sikubekezelele lokhu. UMosimane uyinxusa lethu eliqhoshayo futhi lokhu okwenziwe yilaba bantu kudinga ukugxekwa yizo zonke izinhlangano eziphucukile,” kusho lesi sikhulu.

Yize amacala afana nalawa evamise ukuthi abalandeli bavinjelwe enkundleni, kodwa imikhawulo ye-Covid-19 isivele ibeke umkhawulo wokwehlisa isibalo sababukeli emidlalweni, okuphoqa i-Safa ukuthi iqhamuke nenye indlela yokujeziswa ngenxa yalesi sigameko.

ISundowns ikhiphe isitatimende igxeka isenzo sabalandeli bayo yaxolisa nakwi-Al Ahly.

“ISundowns izokwenza uphenyo bese kuthathwa izinyathelo ezifanele ngalabo balandeli abaziphatha ngendlela engafanele futhi ephikisana nemigomo esiyilandelayo.”

Emdlalweni, iDowns ikhishwe kulo mqhudelwano ihlulwa ngo 3-1 sekuhlanganiswe amaphuzu.

Izihloko zakamuva