ISafa imise izikhulu ngokuthatha intshontsho

ISouth African Football Association (Safa) imise izikhulu ezintathu zomdlalo ngezinsolo zokucela ukugwazelwa emdlalweni weligi wendawo.

Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-11 kuNhlaba ngesikhathi somdlalo weSafa Vhembe League phakathi kweVuwani United Sports Academy neMasakona Real Citizens.

Lezi zikhulu, ezihlonzwe njengonompempe uPercy Murei kanye nomsizi kanompempe uRivhathihi Malima noVhuhwavho Mathuli, basolwa ngokukhuluma nomnikazi weMasakona Real Citizens befuna ukulawula umphumela womdlalo kodwa befuna ukugwazelwa ngo-R1,800, kubika iFarPost.

Umnikazi walolu daba ubikele iSafa yavele yazimisa lezi zikhulu ezintathu kuze kube usuku lokuqondiswa kwezigwegwe osuku lakho alukanqunywa.

Ezincwadini ezithunyelelwe abasolwa, unobhala weSafa Vhembe esifundeni, uMnuz Sam Matodzi, ugcizelele ukuzibophezela kwenhlangano ekugcineni ubuqotho bezemidlalo, wathi, “ISafa Vhembe imele ubuqotho ebholeni likanobhutshuzwayo futhi amaqembu ethu kufanele abe nokuzethemba ngendlela ephethwe ngayo iligi.

“Ukuba nomqhudelwano weligi ohlanzekile kuyinzuzo yethu enkulu. Imidlalo yethu yebhola akufanele inqunywe ngokukhishwa kwentshontsho kodwa kufanele inqunywe ezinkundleni zebhola likanobhutshuzwayo. Sibhekana ngqo nokulungiswa komdlalo, ukuziphatha okungenasimilo, kunoma yimuphi umsebenzi ongahambisani nezinqubo eziqondile.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: ISafa House.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva