Lubhalwe nguMichael Madyira
Kuthiwa i-Safa izicithile izicelo zemidlalo yobungani ezivela e-Germany nase-Switzerland zokudlala neBanyana Banyana kodwa yavuma ukuthi idlale ne-Botswana.
Ngokusho kwabangaphakathi ku-Safa, inhlangano yebhola yakuleli ayikwazanga ukwamukela iqembu elizodlala le midlalo e-Europe njengoba ikhethe ukudlala ekhaya ukuvula indlela eya ku-Fifa Women’s World Cup yango-2023.
Esikhundleni salokho, iNingizimu Afrika igcine imeme i-Botswana emdlalweni obunesiphithiphithi lapho ibibophele khona iqembu elidlala esigabeni esipgansi ngeSonto eledlule e-Tsakane Stadium.
Kodwa-ke, abadlali beBanyana bebengeneme ngokudlala nomakhelwane babo futhi bebezimisele ngokubhekana neqembu eliqinile.
Babhikishela ukudlala ne-Botswana kanye nesimo senkundla e-Tsakane, baphinde bateleka ngenxa yamabhonasi eNdebe yoMhlaba.
Ngesikhathi ethintwa okhulumela i-Safa, uMninawa Ntloko udlulisele yonke imibuzo esikhulwini sikasoseshini uLydia Monyepao naye ongatholakalanga ukuba aphawule.
Kodwa ngaphandle kokudalula amagama, umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis, ukuqinisekisile ukuthi akhona amaqembu angazimisele ngokuzodlala eNingizimu Afrika.
“Kubalulekile ukuthi besifuna ukudlala umdlalo wobungani ekhaya,” kusho u-Ellis etshela i-SABC Sport.
“Amazwe amaningi abengafuni ukuza eNingizimu Afrika ngoba efuna ukudlala emazweni awo.”
“Lokho kube yingxenye enzima yokuthola izimbangi ezisezingeni eliphezulu ukuze zize lapha zizodlala umdlalo wamanqamu.
Besidinga ukuthi sibonge kubalandeli, sibonge nakubantu bakuleli ngaphambi kokuthi sihambe siqinisekise ukuthi bayalibona iqembu futhi bayakwazi ukuxhumana nabadlali.
“Leyo yingxenye edabukisayo ukuthi amanye amazwe abengafuni ukuza lapha ngoba efuna ukudlala emazweni awo.”
I-Germany ne-Switzerland bagcine bexoxisane ne-Zambia njengenye indlela.
I-Germany idinga iqembu lase-Afrika njengoba izodlala ne-Morocco eqoqweni layo eNdebeni yoMhlaba.
Khonamanjalo, iqoqo lokuqala labadlali beBanyana lifike e-Wellington, e-New Zealand ngoLwesine kanti elesibili kulindeleke ukuthi litheleke ngoLwesihlanu.
Isithombe esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana beziqeqesha
Umthombo wesithombe: Banyana Banyana