Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamizi sase-Lower Crossroads eKapa zihlalele ovalweni ngenxa yokuba khona kowesilisa onqunu ogila umkhuba njalo ekuseni.
Le ndoda okungaziwa ukuthi ingubani ibonwe idlala ngesitho sayo sangasese futhi yenza nezinto ezingafanele kwizakhamizi ikakhulukazi kwabesifazane nezingane.
Owesifazane (45) ongathandanga ukudalulwa igama ulandise ngokuhlangana kwakhe nale ndoda.
“Bengisanda kuphuma ekhaya ngesikhathi ngibona indoda emi eduze kwegceke lami. Ngesikhathi lo mlisa engibona uqale wenza imisindo engajwayelekile futhi ubenza izinto ezingcolile,” esho.
Ngesikhathi ebuza ukuthi ufunani kule ndawo, lo mlisa uphendula ngokuqhubeka nokuveza isitho sakhe sangasese waqhubeka nokuziphatha ngendlela engafanele.
Ethukile, lona wesifazane uye waphuthuma endlini yakhe wabikela abanye ngalesi simo.
Kodwa-ke, ngesikhathi bezama ukuya kulo mlisa uye wabaleka wabashiya bekhathazekile ngalesi senzo sakhe.
“Sinovalo lokuthi ngemuva kokuziphatha ngale ndlela angase adlondlobale aze ahlasele noma adlwengule abesifazane nezingane,” kusho esinye isakhamuzi sigcizelela ukuthi kumele umsolwa aboshwe ngokushesha.
Isakhamuzi uLuzuko Makhawula (39) uveze ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo ngokushesha.
“Kumele siqale sigade indawo yethu. Ngeke simvumele azule enqunu ngoba lokho kungase kufake izingane zethu engozini. Siyesaba ukuthi angase abalimaze azame nokuchitha ubufakazi,” kusho uMakhawula.
Elinye ilungu lomphakathi elincamele ukugodlwa igama nalo lizamile ukubhekana nomsolwa.
Kodwa-ke, lo mlisa uye wabalekela ezindlini eziseduze wakwazi ukubalekela ukuboshwa.
“Ngeke simvumele ukuthi aqhubeke nalezi zenzo ngaphandle kwemiphumela. Sizoqapha futhi sizomubamba maduze,” kuqinisekisa isakhamuzi.
Ukukhathazeka okwandayo phakathi kwezakhamizi ukuthi uma zehluleka ukumbamba lo mlisa ngokushesha angase andlondlobale aphinde aphoqe abanye ukuthi benze izinto ngaphandle kwemvume yabo.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg ugqugquzele izakhamizi ukuthi zibike noma yiziphi izigameko ngokushesha.
Esithombeni esingenhla: Umphakathi wase-Lower Crossroads
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze