Izithandani e-Australia azikwazanga ukulinda ukufika emzini wazo ukuze zizithokozise ngocansi. Zinqume ukwenza ucansi olwandle ukuze zibonwe iwona wonke umuntu.
NgoMsombuluko ntambama, lezi zithandani zithwetshulwe ngumuntu obehamba ebhishi e-Henley Beach e-South Australia zizitika ngocansi.
Lezi zithandani ezingadalulwanga bezizitika ngocansi phambi kwabanye abantu abebehambele olwandle okuhlanganisa nezingane eziningi. Lokhu kuthukuthelise abasolwandle, babhekana nezithandani befuna zixolise.
Abantu basole lezi zithandani ngokungaziphathi kahle phambi komphakathi naphambi kwezingane ebezigcwele olwandle.
“Bebenza njenge-Anaconda!” kusho omunye ngesikhathi echaza lesi sigameko.
Yize lezi zithandani ezingadalulwanga amagama zibukeka sengathi aziphumelelanga ekukhombiseni uthando esidlangalaleni, amaphoyisa asexwayise owesilisa othwebule izithandani ngokuthi kungenzeka kube nguye osenkingeni, kubika i-Daily Mail.
Basola lo othwebule izithombe ngokuphula imithetho namalungelo ezithandani.
Ummeli wenkampani i-Woods and Co, uHugh Woods utshele abe-7News ukuthi amanye amacala afana nalawa aguquka ngenye indlela futhi angaholela ekuboshweni.
E-South Australia, kuyicala ukuthwebula amavidiyo alulazayo noma ehlisa isithunzi, ukuthatha nokwabelana ngezithombe zocansi noma zothile osondelene naye ngaphandle kwemvume yakhe.
Selokhu kusabalale ividiyo yalezi zithandani ku-Facebook, isibukwe izikhathi eziningi, kodwa isikhishiwe ezinkundleni zokuxhumana.
Amaphoyisa ase-South Australia ayasazi lesi sigameko, kodwa awekho amacala abekwe wona okwamanje.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: Ibhishi lase-Henley
Umthombo wesithombe: Air Bnb