IRussia idle idolobha lase-Ukraine

Lubhalwe umbhali we-Staff

Libukeka ngalendlela idolobha lase-Ukraine i-Bakhmut ngemuva kwezinsuku ezingu-292 zokuhlasela kwamasosha ase-Russia.

NgoMgqibelo, inkampani yamasosha ezimele i-Wagner ithe iphakamise ifulegi layo okokugcina phezu kwebhilidi elisedolobheni.

UYevgeny Prigozhin ongumholi we-Wagner, uzishaye isifuba ngalokhu kunqoba wathi amasosha azonikela leli dolobha embuthweni wase-Russia kuleli sonto.

Izwe lase-Russia kubikwa ukuthi lilahlekelwe ngabesilisa cishe abangu-100 000 ngesikhathi belwela idolobha elingasahlali muntu.

UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky uthe ngeSonto “kufanele niqonde ukuthi akusekho lutho kucekelwe phansi yonke into, azikho izakhiwo.

“I-Bakhmut isizoba kwizinhliziyo zethu kuphela.”

UZelensky ubekhuluma e-Hiroshima, idolobha elacekelwa phansi ibhomu lenuzi laseMelika ekupheleni kwempi yezwe yesibili. Uphinde waqhathanisa ukubhujiswa kwedolobha lase-Bakhmut ne-Hiroshima ngo-1945.

Khonamanjalo, i-Institute for the Study of War ezinze e-London ithe impi ye-Bakhmut isekude ukuphela.

Amasosha ase-Ukraine ayaqhubeka nokulwa futhi abambe iqhaza emaphethelweni edolobha.

Abantu base-Ukraine ezinkundleni zokuxhumana bathi kumele uPrigozhin nalabo ahambisana nabo baquliswe amacala empi yase-Bakhmut.

Izihloko zakamuva