IRussia icija ngezenuzi

Arthur Greene

UMengameli wase-Russia uVladimir Putin usecuphe ngezikhali zenuzi njengoba siqhubeka nokushuba isimo kulandela ukuhlasela kwakhe i-Ukraine.

Emhlanganweni osakazwe kumabonakude ngeSonto, uPutin uthe benza lamalungiselelo ukuze bakwazi ukubhekana nanoma isiphi isimo esingavela.

“Amazwe aseNtshonalanga awagcini nje ngokunswinya izwe lethu, kodwa abaholi bamazwe amakhulu e-NATO bakhuluma amazwi anonya ngezwe lethu,” kusho uPutin.

I-Russia inenqwaba yezikhali zenuzi.

Ngokusho kwentatheli yezokuphepha ye-BBC uGordon Corera, lesi sinyathelo asisho ukuthi uPutin uhlose ukusebenzisa izikhali zenuzi, kodwa kufanele sibonakale “njengendlela yase-Moscow yokuthumela isixwayiso” emazweni aseNtshonalanga.

Sekubulawe inqwaba yabantu selokhu uPutin eyalele amasosha ukuthi ahlasele izwe elisempumalanga ye-Europe ngoLwesine ekuseni.

I-European Union, i-UK, iMelika kanye namanye amazwe aseNtshonalanga akugxekile ukuhlasela futhi afaka unswinyo lwezomnotho e-Russia.

NgeSonto ekuseni amasosha ase-Ukraine avimbe ukuhlaselwa kwedolobha lase-Kharkiv, okuyidolobha lesibili ngobukhulu kuleliyazwe.

Intatheli uJohn Simpson ubhale ku-Twitter wathi, “Lesi isikhathi ebengisisaba cishe impilo yami yonke. Futhi kungani ekwenza lokhu ngoba ukuhlasela kwakhe akuhambi ngendlela.”

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva