IRichards Bay isimkhombe indlela umqeqeshi uVilakazi

Lubhalwe nguMichael Madyira

IRichards Bay isixoshe umqeqeshi uVusumuzi Vilakazi njengoba isinomqeqeshi omusha efuna ukumqasha.

Lesi sinqumo siza njengoba kuqala isizini ka-2024-25, kulandela imidlalo yama-quarter final ye-MTN8 ngempelasonto edlule.

Ikusasa likaVilakazi bese kuphele amasonto lingacacile ngemuva kokuthi abaxhasi abasha beRichards Bay bephakamise ukuthi iqembu lithole umqeqeshi omusha.

Usihlalo weRichards Bay, uJomo Boyela, uthe bazokhipha isitatimende ngoLwesibili, kodwa i-Scrolla.Africa iyaqonda ukuthi uVilakazi usesusiwe esikhundleni.

UVilakazi uchithe isikhathi esiningi ngaphambi kwesizini neqembu elungiselela isizini entsha.

Uxoshwe yize asiza iRichards Bay ukuthi igweme ukudliwa yizembe ku-PSL emdlalweni yama-play-offs yokukhushulwa nokwehliswa etafuleni. 

Iqembu lithwale kanzima ngesizini edlule, kanti uVilakazi uthathe izintambo ngoZibandlela 2023 ngesikhathi behlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni ku-PSL.

Izinkulumo zokumkhipha esikhundleni sakhe ziqale ngemuva kokuthi iRichards Bay iqale ukuzilolonga ngaphambi kwesizini. 

URhulani Mokwena, ojoyine izinkunzi zase-Morocco, i-Wydad Casablanca ngenyanga edlule, ukuqinisekisile ukuthi iRichards Bay ike yakhuluma naye.

Imibiko ithi uBrandon Truter uzoba umqeqeshi omusha. UVilakazi usinqabile isicelo sokuba yiphini lomqeqeshi, okuholele ekutheni ashiye esikhundleni. 

UTruter oshiye iSekhukhune United ngesizini edlule usezobuyela kuRichards Bay okuyiqembu aseke waliqeqesha ku-National First Division.

Osesithombeni ngenhla: UVusumuzi Vilakazi.

Umthombo: Richards Bay

Izihloko zakamuva