Elmon Tshikhudo
Irenki yamatekisi engasetshenziswa e-Thohoyandou eyakhiwe ngemali eyizigidi ezingama-R280 isiphenduke indawo yokudayisa ngomzimba yabafundi abavela ezikoleni eziseduze, futhi iyindayo ehlala izigebengu.
Imiphakathi eyakhelene ne-Thohoyandou Taxi Rank entsha, ivuke umbhejazane isola uhulumeni ngobugebengu obenzeka kulesi sikhungo esingasebenzi.
Yaziwa ngokuthi yi-Thohoyandou Public Transport Intermodal Facility, yaqedwa cishe eminyakeni eyishumi edlule yakhiwa ngemali eyizigidi ezingama-R280. Kodwa isalokhu iyindlovu emhlophe, futhi isiphenduke indawo ephephile izigebengu ezicasha kuyo ziphange nabantu abadlulayo.
Njengoba yakhiwe nguMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha wase-Limpopo, bekufanele inciphise isiminyaminya sezimoto njengoba abantu abaningi endaweni besebenzisa izithuthi zomphakathi.
UMasipala wendawo wase-Thulamela wathembisa ukuthi izovulwa kodwa lokho akukaze kwenzeke.
Bekulokhu kujikeleza amahlebezi wokuthi usonkontileka wasebenzisa izinto ezisezingeni eliphansi ezenza lesi sikhungo singaphephi.
OKlebe abebebhukhe izindawo zabo zokudayisela ibhizinisi nabo sebeyekisiwe.
Ilungu lomphakathi wase-Block F, u-Israel Mudau uthe abantu abaningi babanjwe inkunzi kulesi sikhungo ngenkathi amantombazane nabafana bezikole zendawo bezibandakanya ocansini nasekubhemeni izidakamizwa emini bebade.
“Uma bengakwazi ukuvumela lesi sakhiwo ukuthi sisebenze kungcono sidilize. Sesilinde iminyaka eminingi kungenzeki lutho,” esho.
UMbulungeni Ntsieni we-Thulamela Business Forum uthe banamalungu abhukhe izitolo lapho kodwa akwenzeki lutho.
I-DA e-Limpopo ebilokhu ibeka ingcindezi eMnyangweni, ithe iyakwamukela ukuqashwa kwale renki okuzokwenzeka ngasekupheleni konyaka.
Okhulumela ezeMigwaqo nezokuThutha e-Limpopo uMatome Moremi uthe izinkinga zilungisiwe kanti nendawo kuthiwa iphephile ngonjiniyela bezakhiwo.
Uthe ukubambezeleka kokuqashwa kwalesi sikhundla kudalwe umbango wosonkontileka.
“Sizixazululile izinselelo, futhi sinethemba lokuthi uma kuphela unyaka sizobe sesiyivulile irenki yamatekisi.”