IRedbull kumele igade ingozi yeMercedes

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ukunqoba kukaMax Verstappen ngeSonto kusho ukuthi i-Red Bull isinqobe amahlandla ayisikhombisa emijahweni eyisikhombisa kule sizini, kodwa ukulwa kwe-Mercedes kuqinisekise ukuthi abawinanga kalula.

UVerstappen uhole yonke imizuliswano ngempelasonto e-Barcelona, nokho kwezinye izikhathi bekunzima ngesikhathi uLewis Hamilton noGeorge Russell bedlula umugqa ngenhloso yokuwinisa i-Mercedes-Benz futhi iphinde igijime ngejubane elingcono.

UHamilton ujabulile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo futhi wagcizelela ngemuva komjaho ukuthi ubesazimisele kakhulu ukujaha abaholi.

“Besingakulindele lokhu namuhla ngifuna ukwethulela iqembu lami isigqoko ngokuzimisela.”

“I-Red Bull iphambili, kodwa sizoqhubeka nokuzama. UGeorge wenze umsebenzi omuhle kakhulu. Banejubane eliningi, kodwa sisebenza ngokuzikhandla futhi sithathe zonke izinto kancane kancane.”

“Uma singababamba ekupheleni konyaka, lokho kungaba umphumela omuhle kakhulu.”

Isithombe esingenhla: UMax Verstappen

Umthombo wesithombe: @Aperta

Izihloko zakamuva