IRed Bull izimisele ngokuwola izicoco zeGrand Prix

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

I-Canadian Grand Prix inikeza i-Red Bull ithuba lokuwina isicoco sekhulu se-Fomula 1.

➤ Njengoba ibhola selizongena ekhefini lasehlobo, abalandeli kungase kudingeke ukuthi babheke kwenye indawo ukuze bathole ukuzijabulisa kwangezimpelasonto futhi ayikho indlela engcono kunokubuka abashayeli bemijaho abangu-20 abahamba phambili emhlabeni beqhudelana kwisekethi yase-Montreal?

Ngaphandle kokubusa kwe-Red Bull kuze kube manje, i-Canadian Grand Prix inika amaqembu amathathu ithuba lokuqinisa indawo yawo njengezimbangi ezinkulu ze-Red Bull.

I-Mercedes ithole izindawo ezimbili ngemuva kukaMax Verstappen emqhudelwaneni we-Spanish Grand Prix ngesonto eledlule kodwa sebevumile ukuthi i-Canadian Grand Prix ingase ibe nesiphithiphithi endleleni yabo yokubuyela phezulu.

I-Aston Martin ebingalindelekile kule sizini ithwale kanzima e-Spain kodwa umshayeli wayo oshaye into ecokeme uFernando Alonso ubikezele ukuthi bekungokokugcina leli qembu liqeda umjaho ngaphandle kwendondo.

I-Ferrari isaqhubeka nokulwela ukwenza kangcono ngezimoto zayo naphezu kokubonisa ifomu enhle kakhulu isizini yonke.

Abalandeli bakuleli kungase kudingeke ukuthi baphuze i-Red Bull noma amabili ukuze bengalali ngesikhathi somjaho. Lo mjaho uzoqala ngehora lesishiyagalombili ngeSonto ebusuku. Sibonga u-Eskom.

Lo mjaho uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 215.

➤ Isizini yesithathu ye-Uefa Nations League izophela ngeSonto lapho i-Croatia ezobhekana khona ne-Spain kowamanqamu.

I-Croatia iwine ngo 4-2 ihlula i-Netherlands ngoLwesithathu yazibeka ethubeni elihle lokuwina indebe enkulu.

Iqembu lase-Spain elibukeka lilisha lizofuna ukuqeda iphupho le-Croatia ngeSonto ebusuku.

Njengoba ibhola lisamisiwe, lona umdlalo wokugcina welikanobhutshuzwayo ngaphambi kwekhefu elide lasehlobo.

Umdlalo wamanqamu uzoqala ngo-8.45 ebusuku ngeSonto kanti uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ IBafana Bafana izodlala kule mpelasonto njengoba izokwamukela ompetha base-Afrika i-Morocco ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo i-FNB.

Yize isivele isizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations ezayo, iBafana izobe izodlalela ukukhombisa ukuthi ingakwazi ukudlala namaqembu ahamba phambili.

Lona kuzoba umdlalo wokugcina eqoqweni lokuhlungela i-Afcon kuBafana ne-Morocco.

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesihlanu ntambama ngoMgqibelo kanti uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 202.

➤ Imidlalo eyandulela owamanqamu we-Currie Cup kuzoba nzima kakhulu ukuqagela imiphumela.

Yomibili imidlalo eyandulela owamanqamu we-Currie Cup ezoba ngoMgqibelo ingaba nemiphumela engaqinisekisiwe. Eminyakeni edlule uJake White wamaBlue Bulls wawina imidlalo okwakumele ayiwine futhi kwesinye isikhathi wayiyeka imidlalo ayengahlulwa kuyo.

Ngempelasonto edlule amaBulls awenzanga kahle njengoba ehlulwe iCheetahs kodwa enze okwanele ukuzuza amaphuzu amabili ebhonasi azibekisela indawo kwamane ahamba phambili.

I-Cheetahs egqame ngomoya wokulwa kamakadebona uRuan Pienaar ingene kwamane ahamba phambili ngendlela engasho lutho, kodwa idlale ibhola lombhoxo eliwinayo. Ukuzinikela kwabo okungaguquki ekwenzeni kahle kungababeka ezingeni eliphezulu.

Lindela umdlalo wamanqamu webhola lombhoxo. Womabili amaqembu alwela ukuba ngompetha be-Currie Cup – futhi lesi isicoco esifunwa yiwona womabili la maqembu.

Ngesonto eledlule amaSharks adlale cishe umdlalo omubi kunayo yonke ngesizini yawo ye-Currie Cup. Abagcinanga ngokuhlulwa ngama-try ayisithupha kweyodwa bebhekene neWestern Province, kodwa babukeke sengathi bancamela ukudla ama-hamburger kwa-Spur. Ukudabukisa igama elingachaza isimo sabo.

IPumas ikhombise impilo ngesikhathi ihlula iGriquas ngemuva kokuhlulwa imidlalo emine ilandelana. Kodwa bekungewona umsebenzi okhuthazayo. Ompetha bakaJimmy Stonehouse banyakenye kuzofanele benze kangcono uma befuna ukugcina amathemba abo okuwina isicoco se-Currie Cup ephila.

ICheetahs izobhekana namaBlue Bulls ngehora lesihlanu ngoMgqibelo kanti lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 201.

AmaSharks azobhekana nePumas ngo-7.05 pm ngoMgqibelo kanti lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 201.

Esithombeni esingenhla: I-Canadian Grand Prix

Izihloko zakamuva