IReal Madrid isine yazibethela kwiChelsea 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Real Madrid inenebule i-Chelsea ngo 2-0 e-Stamford Bridge ukuze idlulele esigabeni sokugcina se-Uefa Champions League.

Ompetha abavikelayo baye e-London bezethemba futhi naphezu kokuthi uhlangothi lukaFrank Lampard lunamathuba amaningi kanye nesabelo sokuphatha bekuzoba nomphumela ofanayo.

Iqembu lase-Spain lehlulekile ukusebenzisa amathuba amabili noma amathathu ngesikhathi uRodrigo eshaya amagoli amabili.

Ngemuva kwemidlalo emihlanu ephethe, uLampard usabone i-Chelsea ishaya igoli elilodwa kuphela futhi lokho bekungeke kushintshe naphezu kwamathuba amahle atholwe uMarc Cucurella noMykhailo Mudryk.

I-Real Madrid izodlulela phambili ngo 4-0 uma sekuhlanganiswe yonke imidlalo futhi manje izodlala owandulela owamanqamu wesi-11 we-Champions League eminyakeni engu-13.

Komunye umdlalo, u-Alex Meret we-Napoli ube ngunozinti wokuqala ukuhlenga iphenalthi kwi-Champions League bebhekene ne-AC Milan kusukela ngoJerzy Dudek owavimba eka-Andriy Shevchenko emdlalweni wokugcina bebhekene ne-Liverpool ngo-2005.

Kodwa-ke, u-Olivier Giroud ulungisele ukugeja kwakhe ngesikhathi eshaya igoli wenza kwaba ngu 2-0 kwi-Milan sekuhlanganiswe ngaphambi kokuthi i-Napoli igeje iphenalthi umdlalo usuzophela.

Umdlalo uphele ngo 1-1 ebusuku ngemuva kwegoli likaVictor Osimhen kodwa lokho bekungenele kosokhaya e-Naples.

Abawina amahlandla ayisikhombisa bazodlala kowandulela owamanqamu okokuqala selokhu bawina lo mqhudelwano ngo-2007.

NgoLwesithathu i-Bayern Munich izozama ukubuya ngo 3-0 ihlula i-Manchester City kanti i-Inter Milan izokwamukela i-Benfica ngo 2-0.

Esithombeni esingenhla: URodrigo

Umthombo wesithombe: @realmadriden

Izihloko zakamuva