Lubhalwe nguLinda Ximba
Ividiyo ethathwe amakhamera e-CCTV okukholakala ukuthi eyangesikhathi umrepha odumile u-AKA abulawe ngaso isibangele ukuthi kube nokuphawula okwehlukene ezinkundleni zokuxhumana.
UKiernan “AKA” Forbes ubulawe nobengumngane wakhe wesikhathi eside uTebello “Tibz” Motsoane.
Le vidiyo ikhombisa u-AKA anga umuntu obonakala ewumngani. Uxhawula lo muntu ngaphambi kokuthi ajeqeze emgwaqeni. Ube esephendukela kubangani bakhe ngaphambi kokuthi indoda egqoke ijezi elimhlophe nesigqoko igijimele kuye imdubule amahlandla amaningana.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bayaqhubeka nokwabelana ngemibono yabo nokuhlaziya le vidiyo.
Abanye bathwebule izithombe eziseduze zosolwa ngokubulala kwividiyo, nokuyilapho abanye abahlaziye khona indlela umdubuli ahamba ngayo ngaphambi nangemuva kokudubula.
Abantu, osaziwayo, osomabhizinisi kanye namaqembu ezepolitiki sebenxuse ukuthi kube nobulungiswa kuleli cala lokubulala – ikakhulukazi njengoba ividiyo isikhona kulabo abaphenya leli cala ngokusemthethweni.
Umndeni ka-Anele Tembe udlulise amazwi enduduzo
Umndeni wengoduso ka-AKA eyashona nyakenye u-Anele “Nelli” Tembe uthumele umyalezo wenduduzo emndenini ka-AKA. UTembe washona ngoMbasa nyakenye ngemuva kokuwa esuka esitezi seshumi ehhotela e-The Pepperclub ku-Loop Street, eKapa.
Esitatimendeni uyise uMoses Tembe uthe: “Kungokukhulu ukushaqeka ngesikuzwile ngokudlula emhlabeni kukaKiernan. Njengomzali ngizwa ubuhlungu obujulile kubazali bakaForbes uTony noLynn, indodakazi yakhe uKairo kanye nomndeni.
“UKiernan ubengumculi onekhono elimangalisayo. Umculo wakhe ube neqhaza elikhulu emculweni ocebile wakuleli. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe omkhulu nakubalandeli bakhe. Mina nomndeni wami sinxusa umphakathi ukuthi ubonise uzwelo futhi unikeze umndeni indawo, isikhathi nenhlonipho kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.
Abangani namalungu omndeni bebevakashele emzini ka-AKA e-Bryanston, eGoli ukuyobhonga emswaneni. Phakathi kwabo bekukhona umngani wakhe uLeslie “Da L.E.S” Mampe, umnikazi wenkampani eqopha izingoma i-Kalawa Jazmee u-Oscar “Oskido” Mdlongwa nobeyintombi ka-AKA ophinde abe umama wendodakazi yakhe uKairo, uDJ Zinhle Jiyane. Ezinkundleni zokuxhumana uDa L.E.S no-Oskido badlulise amazwi enduduzo emndenini womculi ongasekho emhlabeni wengoma edumile ethi-“Fela In Versace” kanti u-DJ Zinhle yena usathule ekhasini lakhe lezokuxhumana.
Esithombeni esingenhla: U-AKA
Umthombo wesithombe: Instagram