Iqhawe lase-Limpopo lidlulele kowamanqamu e-Wimbledon

Umdlali waseNingizimu Afrika uKgothatso “KG” Montjane wase-Seshego ngaphandle kwase-Polokwane esifundazweni sase-Limpopo – udlulele kowamanqamu emqhudelwaneni wethenisi i-Wimbledon.

UMontjane odlala ehleli esihlalweni esinamasondo, waba ngumuntu wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuncintisana kulo mqhudelwano ohloniphekile ngowezi-2018, wadlulela kowamanqamu wabesifazane abangama-quad single ngokunqoba uMomoko Ohtani wase-Japan. Ungumdlali wokuqala wesihlalo sabakhubazekile e-Afrika ukuncintisana e-Wimbledon.

UMontjane wahlaselwa yisifo esemncane esavimbela iminwe nemilenze yakhe ukuthi ikhule kahle. Umlenze wakhe wanqunywa ngesikhathi eneminyaka eyi-12.

Owamanqamu uzobanjwa kule mpelasonto, kuhambisana neminye eyamanqamu e-Wimbledon. Usakhona futhi emncintiswaneni ophindwe kabili nomlingani wakhe uLucy Shuker waseBrithani.

UMontjane uthe ekuqaleni kwesonto yize ebehlale elangazelele i-Wimbledon, kulo nyaka ubona kungukulungiselela ama-Paralympics azodlalwa ekupheleni kukaNcwaba lapho ezobe elwela khona iNingizimu Afrika indondo yegolide e-Ariake Tennis Park yase-Tokyo.

Kodwa uma enqoba i-Wimbledon lokho kuzoba kungukulungiselela okuhle kakhulu.

Izihloko zakamuva