Iqhawe elifunde umbiko we-Scrolla lisize ukukhulula abahlali base-Alex abangama-50

Everson Luhanga

Ezinsukwini eziyi-18 ngemuva kokuba abahlali abangama-50 bevalelwe izindawo zokungena e-Alexandra ngomakhelwane babo, udonga ludiliziwe lwabavumela ukuthi bahambe ngokukhululeka. 

Ngemuva kokuthi i-Scrolla.Africa sishicilele lolu daba mhla zingama-24 kuNhlangulana, uSihlalo wamaKomidi avela kwiShayamthetho esifundazweni sase-Gauteng uSizakele Nkosi-Malobane, walusukumela lolu daba wasiza omakhelwane ukufinyelela kwisivumelwano sokuthula.

Umbango waqala mhla zi-13 kuNhlangulana, ngesikhathi abanye abasendaweni becikeka ngokuzwa izigi zomakhelwane babo ngaphandle komuzi wabo ebusuku. Ngakho bavalela omakhelwane izindawo zokungena.

Cishe amasonto amathathu, bekudingeka bagibele phezu kodonga olungamamitha ayisithupha besebenzisa isitebhisi. Kodwa udonga ludilizwe ngoLwesine, ngosizo lukaNkosi-Malobane.

“Umholi womphakathi e-Alexandra ungithumelele isixhumanisi sendaba,” esho.

“Ngesikhathi ngifunda le ndaba, bekufanele ngenze okuthile.”

Ngiye kuleyo ndawo ngakhuluma nabantu abebevale indawo yokungena.

“Ngomoya wobuntu bavumile ukudiliza udonga, banikela ngokugcwele ngegceke,” kusho uNkosi-Malobane.

Uthe usasebenzisana nomakhelwane ukuthola isixazululo esingunomphela kule nkinga.

UGogo Anna Maseko, obephakathi kwabantu abebevalelekile, uthe kubukeka sengathi ukhululiwe ejele.

“Awungicabange nje sengigxuma izindonga. Sengimdala kakhulu!” esho.

Uthe akaze aphume amasonto amathathu njengoba ebengakwazi ukugibela odongeni.

UMkhulu uSteven Hlongwani ubonge uNkosi-Malobane ngokungenelela.

“Bese singasakwazi ngisho nokuphuma siye ezihlotsheni zethu noma ezitolo noma emitholampilo,” esho.

URosinah Schaba uthe ulinde uNkosi-Malobane ukuthi enze lesi sivumelwano saphakade nomakhelwane bakhe.

Umakhelwane uDanny Ndzondza utshele i-Scrolla.Africa encokola wathi: “Umnyango uvulekile manje. Uma nami nginenkinga, ngizokuthinta.”

Izihloko zakamuva