Everson Luhanga
Amalungu omphakathi athumbe abaseshi ababili emikhukhwini yaseDali Mpofu eThembisa ngenkathi umsolwa eshayelwa ukufa ngamatshe.
Umphakathi ushaye amaphoyisa abethunyelwe ukuzohlenga ozakwabo, lawo maphoyisa abalekile aphendula ngezinhlamvu.
Inkinga iqale ngenkathi kubulawa owesifazane lapha emikhukhwini.
Wagcina ukubonakala enesoka lakhe ngobusuku obandulele mhla zingama-29 kuNcwaba.
Ngemuva kwalokho watholakala eshonile kanti umphakathi wathola futhi wabamba isoka lakhe.
Abaseshi ababili ababezothatha izitatimende emndenini womufi bathunjwa.
Baphoqeleka ukubuka ngenkathi umsolwa eshayelwa ukufa ngamatshe.
Umphakathi ubungafuni ukuthi abaseshi babophe umsolwa. Ubuthukele ukuthi uma engahanjiswa esiteshini uzokhishwa futhi.
Iqembu lamaphoyisa ayisipele afika ukuzohlenga abaseshi kepha aye abhekana nesimo esinzima aphenduka izitha zomphakathi.
Umhlali wasendaweni, uBanele Xulu, uthe amaphoyisa abaleka ayocasha ngenkathi umphakathi uwajikijela ngamatshe.
“Inkinga iqale ngenkathi abaseshi befuna ukuvimba umphakathi obushaya indoda eshonele khona lapho esigamekweni ngenxa yokushaywa kakhulu” kusho uXulu. “Amaphoyisa abefuna ukuhambisa umsolwa esiteshini samaphoyisa ebese belinda umthetho ukuthi usebenze.
“Kodwa umphakathi ubungafuni nhlobo ukuthi kwenzeke lokho. Ubusabela ukuthi uzokhishwa.
“Amalungu omphakathi athukuthela kakhulu futhi isibalo esiningi somphakathi sabuthana eduze namaphoyisa.
“Amaphoyisa awakwazanga ukuhamba kwamele ukuthi abize abanye ozakwabo abaphuma e-Ivory Park, eTembisa Rabasotho, eNingizimu neThembisa kanye ne-Rabie Ridge ukuzolekelela,” uyasho.
Uthi ngenkathi la maphoyisa efika avulele ngenhlamvu emphakathini ngenkathi amalungu omphakathi uwaphendula ngamatshe.
Kwividiyo ethathwe ngomunye oyilungu lomphakathi, amaphoyisa abonakala ebalekela amalungu omphakathi ngenkathi kuzwakala ukuqhuma kwezibhamu.
Okhulumela amaphoyisa aseTembisa Rabasotho ukaputeni uRalidzhivha Manyadza uqinisekisile ukuthi isigameko senzeke eTembisa.
URalidzhivha uthe abaseshi bebese mikhukhwini ukuyothatha isitatimende emndenini waloyo wesifazane owabulawa ngempelasonto yomhla zingama-29 kuNcwaba.
Le mikhukhu iqanjwe ngegama likaDali Mpofu, umholi oqavile we-Economic Freedom Fighters.